26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ilandela imiyalelo edingwa yimibuzo ngenkathi ifunda ephepheni lemibuzo. UJoubert

nabanye (2008) baphawula ngokuthi ukufunda okubhaliwe (reading) kungukhiye

ekufundeni ukufunda nokubhala (literacy), kanti ukufunda nokubhala (literacy)

kungukhiye ekufundeni izifundo (learning) komntwana.

UMnyango wezeMfundo eNingizimu Afrika uyithatha njengento esemqoka nebaluleke

kakhulu indaba yokufunda okubhaliwe kubantwana, njengoba kubonakala ukuthi ikhona

inkinga yokungakwazi ukufunda nokubhala kubantwana eNingizimu Afrika. Nakuba la

magama ecishe asebenze ngokufana, kodwa uMcEachern (1990) ugcizelela ukuthi la

magama awafani, awasho okufanayo nakuba ehlobene. Ubeka ukuthi i-literacy

ihlanganisa nayo i-reading, njengoba i-literacy isho ukuba nolwazi lokufunda nokubhala

lapho ichazwa ngokwejwayelekile, nakuba zikhona ziziningi izincazelo zaleli gama.

Abanye abacwaningi babuka i-‘literacy’ njengengenabudlelwano ne-‘reading’,

ezihambela nje yodwa futhi engeke yafundiswa ngokuhlanganiswa ne-reading. Lokhu

bakwenza njengalabo abangavumelani ngokuthi ukufunda umbhalo (reading)

kuyahambisana nokubhala (writing). Kodwa-ke ngokwemfundo yasesikoleni igama elithi

‘literacy’ lichaza ukufunda okubhaliwe kanye nokubhala okusezingeni lokuba kuvumele

umfundi ukuba akwazi ukufunda nokubhala ngokuhambisana nezinga lakhe lokukhula

kanye nebanga akulo. Ngakho-ke mayelana nokufunda izifundo (learning) komntwana,

umntwana kumele akwazi ukufunda umbhalo nokubhala; ngale ndlela abe ‘literate’,

ukuze aphumelele emfundweni yakhe. UMolefe (2008) ugcizelela ukuthi:

The close connection between reading, writing, speaking and listening are

well understood to incorporate all aspects of literate behaviour. Children build

on oral language knowledge as they learn to read and write; they develop a

key understanding about reading, especially phonics through writing; and they

extend their writing range through reading (p.1).

Ngala mazwi acashunwe ngenhla, umcwaningi ugcizelela ukuthi ukuze umuntu akwazi

ukufunda nokubhala, kokubili ukufunda okubhaliwe kanye nokubhala kumele

kuthuthukiswe, futhi kungabukeli phansi ukukhuluma nokulalela ngoba kukonke lokhu

kunomthelela ekufundeni kwengane ukufunda okubhaliwe. Ngale ndlela, igama elithi

‘literacy’ (ukufunda nokubhala/ulwazi lokufunda nokubhala) kulo msebenzi lingebukwe

148

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!