26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ngale kwemibiko yamazinga aphansi okufunda okubhaliwe kubafundi baseNingizimu

Afrika, ucwaningo luyaveza ukuthi empeleni iningi labantu baseNingizimu Afrika

abakukhuthalele ukufunda umbhalo; abaningi abanandaba nokufunda umbhalo futhi

abakugqizi qakala lokho (Pretorius, 2002; Land, 2003; Sisulu, 2004; Tiemensma, 2007;

ne-South Africa. Department of Arts and Culture & Print Industries Cluster Council,

2007). Kanjalo noWafawarowa (2000) uyabeka ukuthi cishe amaphesenti angama-95

ezincwadi ezidayiswa ezwenikazi lase-Afrika ziyizincwadi zokufunda ezisetshenziswa

ezikhungweni zemfundo, hhayi izincwadi zokuzijabulisa nokunye okungale kokufundela

isikole (academic books), uma ziqhathaniswa nezingamaphesenti angama-35

zasemazweni ase-Europe. Ngamanye amazwi ukufunda kokuzijabulisa akuyona into

evamile e-Afrika. Ngaphandle kwalokhu, lolu cwaningo lwaveza futhi ukuthi

eNingizimu Afrika, zingamaphesenti angama-27 izikole ezinemitapo yolwazi (Pretorius

& Mampuru, 2007, p. 41). Lokhu nje kukodwa kukhombisa wona njalo amazinga

aphansi okufunda eNingizimu Afrika. Kuyinto encomekayo-ke nokho ukuba uMnyango

Wezobuciko Namasiko (Department of Arts and Culture, 2007) ulusukumele udaba

lwemitapo yolwazi njengoba lo mnyango uzinikele ekusebenziseni isizumbulu semali

engango-R180 000 000 (R180 million) ekwakhiweni nasekwenzeni ngcono imitapo

yolwazi, kuhlanganisa nokuthengwa kwezincwadi ukuze zifakwe kuyo le mitapo

yolwazi (Magubane, 2008, p. 1).

Okunye futhi ukuthi akuyona into ejwayelekile ukuthola ukuthi abazali, ikakhulukazi

emakhaya, balekelele noma bakhuthaze izingane zabo ngokufunda imibhalo. Isibonelo,

baningi abazali abangakwazi ngisho ukuthenga iphepha lodwa leli ukuthola izindaba

ezintsha, ngaleyo ndlela kuba lukhuni satshe-ke umzali sekudingeka athengele ingane

incwadi yokuba ifunde, okungenani nje incwadi yokufundela ukuzijabulisa. Ucwaningo

luveza ukuthi kunalokho uthola abazali abaningi bethengana namathoyizi ezingane,

okuyinto engayifundisi kangako ingane ngoba nawo lawo mathoyizi bavama ukukhetha

angasizi ngalutho enganeni, njengokut henga isibhamu, izimoto, nonodoli; bakhohlwe

ukuthenga okungenani eyodwa incwadi ukuze ingane ithole ulwazi lokufunda noma

ukubhala, okuyinto edingwa imfundo yayo (Nkosi, 2010; Magubane, 2008; Strickland,

2004).

21

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!