26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kagogo, umsindo ongu ‘n’ babethi umsindo wenunu, njengoba kuchaziwe esahlukweni

sesihlanu.

Leyo misindo esuke isifundiwe ngamanye amaviki othisha bayigcina engxenyeni

eyodwa ebhodini, eminye-ke ibe semashadini ambalwa asodongeni. Lokhu othisha

bakwenzela ukuthi bayisebenzise le misindo lapho kwakhiwa amagama amasha. Lapho

kwakhiwa amagama amasha ngomsindo lowo osuke kugxilwe kuwo, le misindo evele

isifundiwe iyasetshenziswa ukukhombisa abafundi ukwakhiwa kwamagama, njengoba

othisha bayabakhombisa abafundi ukuthi lapho wakha igama elithile, uyisebenzisa

kanjani le misindo nomsindo lowo omusha ukwakha igama. Njengokuthi nje uthisha

athathe unkamisa ‘u’ aphinde athathe u ‘pha’ aphinde athathe u ‘phe’ bese ethi abasho

ukuthi gama lini elakhekayo. Abafundi bayawafunda amagama kanje ‘u-pha-phe’.

Uthisha lapho ethatha u ‘phe’ no ‘phu’ no ‘ka’, wayetshela abafundi ukuba bafunde lezi

zinhlamvu ukuze kwakheke igama eliphelele, bese abafundi befunda bathi: “phephuka”.

Kanjalo nalapho uthisha wayefuna bakhe igama elithi ‘isiphukuphuku’ wayethatha

umsindo ongu –i esikhaleni sonkamisa, athathe umsindo ongu –si , athathe u-phu, athathe

u-ku, athathe u-phu, aphinde athathe u–ku. Usezothi-ke abafundi abafunde leli gama

elakhiwe phambi kwabo ngemisindo engafani esezikhaleni ezahlukene. Abafundi

babekwazi ukulifunda bathi ‘isiphukuphuku’. Ngezansi ithebula elikhombisa ukuthi

othisha babebalekelela kanjani abafundi ukwakha amagama, besebenzisa imisindo abase

bevele beyifundile kanye nalowo okwabe kugxilwe kuwo ngalelo sonto, lapho efuna

abafundi bafunde igama elithi isiphethu, babone ukuthi lakhiwa kanjani:

Fig. 1 ukwakhiwa kwegama ‘isiphethu’

a e i o u

sa se si so su

pha phe phi pho phu

tha the thi tho thu

193

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!