26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kanti uthisha uZandile ubeka kanje:

kubalulekile lapho wenza ama-flash cards nama-sentence strips usebenzise

amakhadi aqinile, lana asikwe emashadini futhi abe nemibala egqamile.

Izingane ziyayithanda phela imibala egqamile. Ungasebenzisa umbala

obomvu, oluhlaza okwesibhakabhaka, o-pink, njalonjalo. Kanti ishadi lingaba

nombala ophuzi, oluhlaza okwesibhakabhaka, njalonjalo. Umbala wepeni-ke

wona nawo muhle uma unombala ogqamile kodwa nomnyama ugqama kahle

lapho usetshenzisiwe eshadini eligqamile.Kuba kuhle futhi ukuba uxube

imibala, usebenzise umbala owehlukile kulolo hlamvu ofuna bagxile kulo.

Kanti uthisha uNtombifuthi ubeka kanjena yena:

Kwa-Grade 3 into engiye ngiyenze ukuthi ngiqale ngibheke izihloko

ngibheke ama-themes ngibheke izindaba, ngibuke ukuthi yiyiphi ehambisana

ne-theme yangalelo sonto. Uma sengiyikhethile ngibheka amagama angase

abe lukhuni kubantwana, adinga ukuchazwa. Ngiwabhala kuma-flash cards,

ngiphinde ngiwasebenzise emishweni ngenze ngawo ama-sentence strips.

Sengizofika-ke esikoleni ngakusasa ngiwanameke ebhodini la magama.

Ngikhipha ngalinye ukuba balifunde, ngibabuze ukuthi lichazani, uma

bengalazi ngibasize. Ngibakhombisa nokuthi lisebenza kanjani. Sizothi sisuka

bese sakha ngalo imisho. Ngiwanameka ebhodini njalo ngenkathi bewafunda.

Lapho belifunda igama ngiyaliphakamisa ngilibhekise ngakubo, balibuke.

Sebezophakamisa-ke ngikhombe oyedwa ukuba alifunde, bese besho bonke.

Uma sebelifundile ngilinamathisele ebhodini. Ngikwenza lokho kuwo onke

engiwatomule endabeni alukhuni… uma siqeda lapho sakha imisho,

sisebenzisa wona la magama emishweni. Imisho esiyakhayo kumele

igcwaliswe ngawo la magama ukuze kubonakale ukuthi sebeyakwazi

ukuwasebenzisa. Imisho eyakhiwayo isuke ikuma-sentence strips.

Kuyacaca-ke ukuthi kungaba lukhuni ukufundisa ukufunda okubhaliwe enganeni

esencane lapho izinsizakufundisa zokufunda umbhalo zingebe bikho. Ngaleyo ndlela

lokhu kuveza umqondo wokuthi ukufunda kungebe namqondo ngaphandle kwazo.

Nokho-ke zimbalwa izinsiza ezisetshenziswa ngothisha, ikakhulukazi njengoba

kungabantwana abasebancane, abasacathula ekufundeni ilkubhaliwe. Isibonelo, abanazo

izinsiza ezihambelana nonuchwepheshe banamuhla, izinsiza ezilalelwayo, ezingenza

umehluko ekulekeleleni izingane ukuba zithuthuke ekufundeni okubhaliwe.

168

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!