26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

2004, p. 1). Ngale ndlela lokhu kugcizelela khona ukuthi konke uthisha akwenzayo lapho

efundisa, ikilasi afundela kulo umntwana, izinsizakufunda, njalonjalo, kunomthelela

ekwenzeni kwakhe lapho efunda okubhaliwe. Lokhu kugcizelela khona ukuthi uthisha

kumele azi ukuthi yini ayifundisayo enganeni, uyifundisa kanjani futhi usebenzisa yiphi

injulalwazi, isimo sekilasi sikulungele yini ukuba umfundi angafundela kulo, njalonjalo.

Kuzoqapheleka futhi ukuthi ucwaningo oluningi engiphawule ngalo kulesi sahluko,

lwenziwa eMelika nakwamanye amazwe aphesheya kwezilwandle ambalwa, kanti

oluningi lwalolu cwaningo lwalubheka ulimi lwesiNgisi, nakhona njengolimi

lokwethekelwa, njengoba ngike ngachaza phambilini ukuthi nakhona kuso isiNgisi,

ucwaningo olwenziwe olimini lokuqala luyindlala. Nakuba lukhona ucwaningo

olwenziwa eNingizimu Afrika njengoba kade ngixoxa kulesi sahluko, kuzophawuleka

ukuthi luyingcosana, kanti nalo lolo oluyingcosana olukhona lwenziwe emabangeni

aphakathi nendawo naphezulu ezikoleni kanye nasezikhungweni zemfundo ephakeme,

okugcizelela ubumqoka balolu cwaningo. Ngale ndlela lolu cwaningo luzama ukuphonsa

itshe esivivaneni ngokufundiswa kokufunda okubhaliwe emabangeni aphansi esiZulu

ulimi lwasekhaya. Lokhu kuzosiza othisha bamabanga aphansi, kanti nalabo

abasemabangeni athe thuthu bangahlomula ngalolu cwaningo. Ngaphandle kothisha

besiZulu; nabo othisha bezinye izilimi zesintu, ikakhulukazi abezilimi zesiNguni,

bayohlomula ngolwazi oluningi oluyotholakala kulolu cwaningo, njengoba izilimi

zesiNguni zisondelene kakhulu (isiXhosa, isiZulu, isiNdebele kanye nesiSwazi).

Ngakho-ke kusobala ukuthi lonke lolu cwaningo osekuxoxwe ngalo ngenhla,

luyahambisana nalolu engilwenzayo ngenxa yokuthi nalo ludingida udaba lokufunda

okubhaliwe, okuyinhloso yalolu cwaningo. Umehluko ukuthi kulo lonke lolu cwaningo

engiphawule ngalo ngenhla oseluke lwenziwa, alukho oluhlola ukufundiswa kokufunda

isiZulu ulimi lwasekhaya emabangeni aphansi, ikakhulukazi eNingizimu Afrika. Ngaleyo

ndlela lolu cwaningo luzogxila (i) ekufundisweni kokufunda okubhaliwe, (ii) emabangeni

aphansi (lesibili nelesithathu), (iii) emakilasini esiZulu ulimi lwasekhaya, okuyinto

ebingakaze yenzeke phambilini eNingizimu Afrika. Umphumela walolu cwaningo

55

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!