26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Kuyiqiniso ukuthi le misindo kanye namagama izingane azihlangani nakho emphakathini

kundiza emoyeni, kodwa kuyingxenye yolimi olukhulunywayo, olufundwayo,

olubhalwayo kanye nolulalelwayo. Umfundi uhlangana nakho ezindabeni ezixoxwayo,

emibhalweni enhlobonhlobo, njalonjalo. Akukho lapho umfundi ake ahlangane khona

nohlamvu emphakathini olungu ‘ng’ luzihambela lodwa, lungasebenzi embhalweni othile

onomqondo. Le ndlela yokufundisa ukufunda okubhaliwe yenza umfundi angaboni

ukuthi lokhu okufundwayo kuhlangana kanjani nempilo, kanti kungamenza akukhohlwe

masinya nalokho obekufundiswa. Njengoba bese ngike ngachaza ukuthi izingane zifunda

ulimi ngezikubona kwenzeka emphakathini, okwenzeka ekhaya, noma yini

okuzizungezile, kuneqhaza okulibambile ekuthuthukeni kwengane ukufunda okubhaliwe

(Vygotsky, 1978; Au, 1997). Ngenxa yokuthi othisha abanalo ulwazi olwanele ngokuthi

izingane lapho zifunda umbhalo, kumele zifundiswe ukufunda ngendlela yokuthi zikwazi

ukuwuqonda, bazitshela ukuthi izingane zisencane ngakho zingeke zafundiswa ukufunda

okubhaliwe ngokukuqondisisa.

Ngamanye amazwi lokhu kwenza ukuba bagxile emisindweni nasemagameni. Kanti

njengoba ngichazile esahlukweni sesine ukuthi nakuba imisindo / izimelamsindo

zibalulekile, kodwa lokhu akusho ukuthi sekufanele kube yizo ezisemqoka kunakho

konke. Ngichazile esahlukweni sesine ukuthi i-NRP (2000) iyakugcizelela ukuthi nakuba

ukufundisa izimelamsindo kubalulekile, kodwa lokhu kufanele kube yisendlalelo

sokufundisa ukufunda okubhaliwe. Ibeka ukuthi kungumqondo omuhle ukuthi uthisha

athathe isikhathi esingangemizuzu eyishumi nsukuzonke ukwenza lokhu lapho efundisa

ukufunda okubhaliwe (NRP, 2000; Pressley & Hilden, 2006). Ngaleyo ndlela lokhu

akusho ukuthi uthisha usengathatha isikhathi sonke sokufundisa ukufunda okubhaliwe

efundisa ulwazi lwezimelamsindo. Ngamanye amazwi abakwenzayo othisha

kuyaphambana nokushiwo yilaba bacwaningi. Kanti futhi ucwaningo luveza ukuthi

ukufunda okubhaliwe ngokukuqonda akuzenzakaleli nje, noma ngabe abantwana

bangafundiswa ulwazimagama, ulwazi lokuhlonza amagama, kanye nokuthuthukiswa

kolimi olukhulunywayo, kodwa kudinga ukuba kufundiswe (Duke, Pressley & Hilden,

2004).

283

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!