26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ubudlelwano nokufundwa kombhalo, ngaphandle kokuthi okubhalwayo kwabe

kuyisibizelo kanye nokubhalwa kwemisho emifushane eyayiqedelwa ngegama ababekade

belifunda emaphepheni asikiwe, futhi kumbe livele likhona ebhodini.

Nakuba wayefundisa ngezindaba, wayeba nawo amagama ayesuke ewabhale

emaphepheni asikiwe (flash cards) nemisho esikiwe (sentences strips). Kulawo magama

nemisho wayegxila emisindweni enezinhlamvu ezimbili noma ezintathu, futhi

okungamagama ayesuke ezotholakala endabeni eyayizofundwa. Leyo misindo namagama

nemisho ayegxile kukho uthisha, kwakuyilokho ayebona kungabadida abafundi lapho

sebengena endabeni. Imisindo wayeyiphimisa, afundise abantwana ukubizwa kwayo,

enze amagama anezibonelo ngayo. Kodwa umehluko ukuthi kwakungabi umsindo

ofanayo agxila kuwo njengaseMbalenhle.

Okwaqapheleka ukuthi ngosuku lwangoMsombuluko uthisha waqalisa isifundo ngokuthi

abakhumbuze izimpawu zokukhanyisa. Wabakhumbuza ngophawu lukangqi, ukhefana,

umbuzo, kanye nesibabazo, ebakhumbuza ukuthi zisebenza kanjani lezi zimpawu. Emva

kwalokho wabe esebhala ebhodini amagama amane kanye namagama ayizibabazo:

uDube, uNkawu, uBhejane, izimpondo, Wo! He! Wathi abafundi abafunde la magama.

Wayebabuza ngalelo nangalelo, kuxoxwe ngalo. Isibonelo:

T: Sithi yini lolu phawu (ubhala ungqi ebhodini).

L: Ifull stop.

T: NgesiZulu sithi ungqi.

T: Luyakhuluma lolu phawu, luthi uma ufunda indaba wahlangana nalo thula phela

uphumule isikhashana. Lolu? (ekhomba uphawu lokubuza).

L: (Abafundi bathule)

T: Uphawu lokubuza lolu, lapho ufunda indaba uyabuza.

T: Ake sibheke ke lezi zimpawu: lolu sithi yini? (ebhala uphawu lokubabaza).

T: Isibabazo ngoba uphawu lokubabaza. Lolu ? uphawu lokubuza, uma ubuza,

uyakhombisa ukuthi umbuzo.

T: Olunye uphawu (ukhefana) lokhu kuchaza ukuthi uma ufunda uyathula kancane,

uthule isikhashana esifushane uma ufunda uthi gozololo kanti uma ubona ungqi uthula

isikhashana.

T: Lolu ( .) ungqi, lokhu kusho ukuthi uma ufunda uthula isikhathi esijana uma ufika

kulolu phawu.

T: Ake sibheke-ke laphaya, uyabona ukuthi lithini leli gama? Lithini?

246

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!