26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2.4.3 I-LOOK AND SAY METHOD

Le ndlela isukela enjulalwazini okuthiwa yi-Gestalt, egxila kokuphelele kunokuba igxile

ezingxenyeni zokuphelele. Yaziwa kakhulu ngokuthi yi-global method. Iyindlela e-

analytical ngoba igxila kokuphelele bese ihlaziya izingxenye zalokho (Joubert et al,

2008, p. 91). Ngokwe Gestalt theory, izingxenye zokuphelele zakha okuphelele, okuyi-

Gestalt. Le gestalt yilokho umuntu ahlangabezana nakho ekuqaleni ( Jordaan & Jordaan,

2000, p. 16). ULevy (2009) ubeka ukuthi i-look and say method ibuye yaziwe ngokuthi

yi-look and see noma yi-Whole Language Approach.

Ngokwakhe uLevy, ngale ndlela ye-look-and-say ingane ifunda igama eliphelele lapho

ilithi nhla, kunokuba ifunde uhlamvu nohlamvu lwegama noma lwemisindo. Ukufundisa

igama eliphelele, uthisha usebenzisa amagama asikiwe (flash cards) nezithombe ukumela

igama elithile. Uthisha angabiza igama aliphimise enzele ingane kunokuba kube yiyo

ingane esho lelo gama isholo yena, bese uthisha ecela ingane ukuba ilibhale lelo gama.

Ngaleyo ndlela lokhu kulekelela ekutheni kwande isibalo samagama ingane ekwazi

ukuwahlonza nokuwaqonda, okusiza ekutheni ingane ikwazi ukulibona lelo gama. Imisho

esikiwe (sentence strips) iyasetshenziswa ukufunda imisho. Amagama ayasikwa, igama

negama elisemushweni lizihambele lodwa, bese umusho uphinde wakhiwe kabusha,

umiswe ngezindlela ezahlukene. Ekugcineni, uthisha uxoxa indaba. Amagama akha

indaba asuke ekhona emishweni esikiwe. Abafundi basebenzisa imisho esikiwe ukwakha

indaba. Imisho iyabhidlizwa, abafundi bazakhele eyabo imisho ngawo.

Njengoba kungekho soka elingenasici, le ndlela nayo bayayigxeka abanye abacwaningi

ngokuthi ayizinikezi izingane amathuluzi okukwazi ukuziphimisela zona ngokwazo

amagama. Ngale ndlela, ingane ifunda ngekhanda kunokuba ifunde ukuthi izinhlamvu

nemisindo kusebenza kanjani ndawonye ukwakha amagama aphelele. Yingakho-nje

abanye abacwaningi bekholelwa ukuthi ukusebenzisa le ndlela ngokuyihlanganisa

nendlela yokufundisa imisindo, kungasiza izingane ekufundeni amagama alukhuni.

73

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!