26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ukufundiswa ngabo. Lokhu kungaba nomthelela ekutheni izingane zifunde kancane,

isivinini sazo sokufunda okubhaliwe sihambe kancane, ngaleyo ndlela singalingani

nezinga lazo lokukhula. Lokhu yinto abacwaningi asebeke baphawula ngayo, njengoba

ngike ngaveza esahlukweni sokuqala. Isibonelo, u-Asmal (1999) waphawula ukuthi

abantwana bebanga lesishiyagalombili bafunda kube sengathi bangabafundi bebanga

lesibili. Kanti noHorne (2002) naye wabika ukuthi amazinga abantwana okufunda

okubhaliwe nokubhala aphansi ngale ndlela yokuthi awahambelani nezinga labo

lokukhula, kumbe amabanga abawenzayo, abafundi abaningi abenza ibanga leshumi

nambili abakwazi ukufunda umbhalo futhi izinga labo lokufunda umbhalo lilingana

nelomfundi owenza ibanga lesine.

Lapho othisha bebanga lesibili bebuzwa ukuthi kungani uma beqala ukufundisa baqalise

ngonkamisa yize onkamisa babebafundile ebangeni lokuqa la, njengoba usuku nosuku

kufanele uthisha abaphindisele emumva konkamisa. Othisha babeveza ukuthi lokhu

kuyalekelela ngoba abantwana kumele bazi ukuthi alikho igama eliyoke libe khona

olimini lapho unkamisa engekho khona, kanti futhi ukuze uhlamvu nohlamvu lubizeke

ngendlela olubizeka ngayo kungenxa kankamisa oluhambisana naye. Inkulumo

elandelayo kathisha uMbali ikucacisa kahle lokhu:

Ukuthi abanye ekilasini basuke befike kuleli banga ngoba kuphoqa isimo,

abafani bonke ekilasini, ukuze bezwe futhi bakhumbule, uye ubone ukuthi

kumele uqale phansi nje wenzele ukuthi bakhumbule, bazi ukuthi lo msindo

uma ngiwusebenzisa nalo nkamisa, uphimiseka kanje, uma esenalo nkamisa

ubizeka kanje. Mhlampe uthi abenze igama, uzobona bazohluleka abanye,

kanti abanye bazokwazi ukuhlanganisa le misindo nonkamisa. Khona

siyabacathulisa, bayabhenefitha [bayazuza] futhi nabo, babe nomehluko.Uye

ubone ukuthi omunye akakwazi ngisho ukubabona nje [onkamisa], ngakho

kulukhuni ukuba awusebenzise kahle ukwakha amagama nokuthi nje azi

ukuthi usebenza kanjani. Kuye kuphoqe ukuthi ingane yedluliswe ebangeni

lokuqala ingakabi ready, ngenxa yeminyaka yayo esuke ingasayivumeli ukuba

ibe sebangeni lokuqala. Uma uthi abenze igama ungabakhumbuzi ngonkamisa

baningi abangeke bakwazi. Ikakhulukazi njengoba singenabo othisha

abaqondene ne-remedial ezikoleni. Ngakho kumele ubacathulise nje njalo.

Uthisha ocashunwe ngenhla ugcizelela khona ukuthi othisha bayabafundisa onkamisa

nakhona ebangeni lesibili. Uphinde anikeze nesizathu sokuthi lokhu kwenziwa yini;

153

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!