26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Lapho sebeqedile ukufunda amagama uthisha wabe esebhala imisho embalwa ukuba

abafundi bayifunde. Kule misho umsindo u ‘ngw’ wawubhalwe ngombala obomvu

kodwa ezinye izinhlamvu zamagama zibhalwe ngombala omnyama. emva kwalokho

wabe esethi abakhe eyabo imisho. Nasi isibonelo semisho ayibhalayo uthisha ebhodini:

7.2.1.2.2 NGOLWESIBILI

Fig. 17 Imisho eyayakhiwa

Imisho

• Umama usebenza eNgwavuma.

• UMaNgwane udliwe yingwenya.

• Ubaba yingwazi.

• Mina ngifunda eNgwekazi.

• Umalume ukha umango ezimangweni.

• Umkhulu akayesabi ingwe.

Ngosuku lwangoLwesibili uthisha uZandile wayesagxile khona emsindweni ka ‘ngw’

njengayizolo. Ababekwenza kwakuseyikho ukuthi abafundi bakhe amagama, bewakha

besebenzisa amagama anomsindo ka ‘ngw’. Lapho bewanikeza amagama, uthisha

wayewabhala ebhodini, emva kwalokho bawafunde onke bewaphindelela. Amaningi ala

magama kwakuyilawo ayefundwe ngayizolo. Uthisha wayewachaza, kuxoxwe ngawo,

kuphinde kwakhiwe ngawo imisho. Waba nale nkulumompendulwano uthisha nabafundi

bakhe:

T: Nisakhumbula nje ukuthi yimuphi umsindo ebesifunda ngawo izolo?

L: Izolo besifunda umsindo ka-ngw.

T: Good ishoni nonke.

L: ngw, ngw.

T: Shonini.

L: U-ngw.

T: Very good!

T: Wakhiwa kanjani lo msindo?

L: Wakhiwa umsindo wenunu u-n.

T: Very good!

T: Namuphi futhi?

236

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!