26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

2.3.1 UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWE-SOCIAL CONSTRUCTIVIST THEORY

UVygotsky (1978) umcwaningi wase-Russia, waqamba i-social constructivist theory

yokufunda okubhaliwe. Le njulalwazi ibuye yaziwe ngokuthi yi-socio-historical theory.

NgokukaVygotsky (1978), ukufunda okubhaliwe (reading) kuyinto esondelene nalokho

umuntu akwenza noma aye akubone emphakathini noma endaweni ahlala kuyo. Kanti

ziningi izinto ezinomthelela ekufundeni okubhaliwe, kuhlanganisa umfundi aye akubone

ekhaya, ulwazi avele enalo ngalokho azokuthola embhalweni awufundayo, osekwake

kwamehlela, ake ezwe kukhulunywa ngakho, ake wakwenza, njalonjalo. UVygotsky

wayekholelwa ukuthi umntwana ukuze akwazi ukufunda okubhaliwe, kufanele axhumane

nabanye abantu, azi ngezinto ezimzungezile, ezenzeka endaweni nasemphakathini aphila

kuwo. Ngale ndlela, lokhu kusho ukuthi ukufunda ukufunda okubhaliwe (learning to

read) kwenzeka lapho umntwana ehlanganisa usikompilo nolwazi olusha kanye nolwazi

abevele enalo ngalokho akufundayo.

2.3.2 UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWE-SOCIO CULTURAL THEORY

Izimpande ze-socio-cultural theory ka-Au (1997) zisemsebenzini kaBronfenbrenner

(1979), obeka phambili indaba yosikompilo (culture) ekufundeni okubhaliwe. Igcizelela

iqhaza elibanjwa yizinto ezifana nokwenziwa emphakathini (social), usikompilo

(culture), kanye nokuphathelene nomlando (historical factors) umuntu ake wakubona

noma wakuzwa (experiences) (Tracy & Morrow, 2006, p. 195). I-socio-cultural theory

igcizelela umqondo wokuthi umuntu izinto ake wazibona, zamehlela noma wezwa ngazo,

zihlonzwa usikompilo futhi lolu sikompilo lungabukwa njengento eyenzekayo futhi

esinesikhathi eside yenzeka, kanti futhi eguquguqukayo engamile ndawonye. Le

njulalwazi ihlobene kakhulu ne- social constructivism kaVygotsky.

58

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!