26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kokubili-ke isiZulu njengolimi lwasekhaya nanjengolimi lokwethekelwa

kwakutholakala emakolishi. Emanyuvesi kuze kube manje, isiZulu siyafundwa othisha

abaqeqeshwayo. Eminyakeni ephambili isiZulu besifundwa ngesiNgisi emanyuvesi

amaningi, njengase-UNISA, i-University of Natal, kanye ne-University of Zululand.

Ngaleyo ndlela baningi othisha abathola uqeqesho ekufundiseni isiZulu kodwa bebe

beqeqeshwa ngesiNgisi. Kuhambe kwahamba amanyuvesi akushintsha lokhu ngenxa

yengcindezi eyalethwa umthetho wokulinganiswa kwezilimi eNingizimu Afrika (The

Constitution of the Republic of South Africa, 1996). Ngaleyo ndlela njengamanje othisha

bathola ukuqeqeshwa ukufundisa lolu limi ngolimi lwesiZulu, okululimi abazofundisa

ngalo. Ngakho-ke othisha abathola ukuqeqeshwa eminyakeni ephambili, nakuba

kwezinye izikhungo kungekudala kakhulu, babeqeqeshwa ngesiNgisi ekufundiseni

isiZulu. Lokhu kwenzeka nakuye umcwaningi, owaqeqeshwa ngolimi lwesiNgisi kodwa

ebe ezofundisa isiZulu ngolimi lwesiZulu esikoleni.

Abanye abafundi kuye kubonakale sengathi abakuthandi kahle ukufunda isiZulu uze

ugogode kuso, ngenxa yokuthi bakubona ‘kuwukuzehlisa isithunzi’ ukugogoda

ngesiZulu, njengoba abafundi abaningi bengasithandi kahle isiZulu, nakuba kululimi

lwabo. Lokhu abafundi abaningi baye bakubone ngokuthi wena ofunda isiZulu yingoba

ungasazi isiNgisi okuwulimi ‘olubalulekile noluhloniphekile’, nokwazi ukuzibonakalisa

ngalo ukuthi ‘uhlakaniphile’. Lokhu kungenxa yemiphumela yobandlululo, ukuthi ama-

Afrika uqobo lwawo abe nomqondo wokubukela phansi izilimi zawo, azithathe

njengezingabalulekile futhi ezingenamsebenzi walutho lapho ziqhathaniswa nezilimi

zabelumbi (Ndimande-Hlongwa, 2009, p. 92). Lokhu kwenza ukuthi nakuba isiNgisi

ngokomthethosisekelo wezwe silingana nezinye izilimi ezisemthethweni zakuleli zwe,

kodwa kusabonakala kuyiso esihamba phambili nesihlonishwayo kunezinye eziyishumi

ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika.

Namanje kuseyinkinga kubafundi abaningi ukunikeza izilimi zabo ukuhlonipheka

okufana nokwesiNgisi. Leyo nsila isekhona nanamuhla ezikhungweni eziningi

zikahulumeni, kusabusa sona isiNgisi. Lokhu kubonakala nangokuthi umuntu okwazi

ukukhuluma, ukufunda noma ukubhala kahle ngesiNgisi abonakale njengoyisipesheli

14

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!