26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

asebenzisa ziphi izindlela namasu, njalonjalo, kodwa abakushoyo kungabi yilokho

abakwenzayo.

Lapho umcwaningi ebabukela befundisa othisha, wayezama ukuthola ulwazi

olwaluzophendula umbuzongqangi wesibili othi: Othisha bakufundisa kanjani ukufunda

okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu kubafundi bamabanga aphansi? Njengoba

othisha babechazile ukuthi bafundisa kanjani ukufunda okubhaliwe kusukela

ngoMsombuluko kuze kushaye uLwesihlanu, lokhu kwasho ukuthi umcwaningi kufanele

alandele uthisha nothisha kusukela ngoMsombuluko kuze kushaye uLwesihlanu. Lokhu

kungenxa yokuthi ezingxoxweni kwacaca ukuthi uthisha lapho efundisa ukufunda

okubhaliwe, umsebenzi uwuhlela wenabe nesonto lonke, kuze kufike kuLwesihlanu.

6.2 ISENDLALELO

Njengoba ngivezile nasesehlukweni esedlule, sebebonke othisha ababeyingxenye

yocwaningo babeyisishiyagalombili, njengoba esikoleni iGolide babebabili, eyedwa

kulelo nalelo banga. Abayisithupha kwakungabaseMbalenhle, bebane ebangeni lesibili,

bebabili kwelesithathu. Ngakho-ke sebebonke babebahlanu kwelesibili, bebathathu

kwelesithathu. Kwasetshenziswa isiqophamazwi kanye nesithwebulizithombe ukuqoqa

ulwazi olwaludingeka ukuphendula umbuzongqangi wesibili. Ngale kwalokhu,

umcwaningi wayethatha amanothi ukwelekelela ekuqoqweni kwalolu lwazi, ukuze uma

kwakungaba nenkinga ngobuchwepheshe obabusetshenziswa, kube khona ulwazi

olubhalwe phansi olwalungalekelela lapho sekuhlaziywa okutholakele. Ulwazi

olwatholakala emakilasini ngokubuka okwenziwa ngothisha lapho befundisa ukufunda

umbhalo, kwagqamisa lezi zindikimba ezilandelayo:

� Okufundiswayo: Ukufundiswa kwemisindo; ukwakha, ukuhlonza, nokuchaza

amagama; ukufundisa imisho kanye nezindaba)

� Ukusetshenziswa kwezinsizakufundisa.

� Izindlela namasu okufundisa

� Ukusetshenziswa kwesiNgisi

190

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!