26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

umphakathi nakho konke okuyizungezile ingane kunomthelela ekufundeni kwayo

okubhaliwe.

Kanti u-Excell benoLinington (2009) baseNyuvesi yaseWitwatersrand (eNingizimu-

Afrika), baqinisekisa ukuthi ukufunda kwengane kuqala emdlalweni, kanti kuwo lo

mdlalo, ingane ingaqala ifundiswe ngolwazi lwezimelamsindo nemisindo, ulwazi

lokuhlonza noma lokubona amagama futhi yazi nokuthi achaza ukuthini, ulwazimagama,

ukufunda ngokungangingizi noma ngokunganqikazi, kanye nokufunda ngokuqondisisa.

Babala ukuthi ekufundayo ingane kusukela ekunyakazeni nasekudlaleni ngenxa yokuthi

izingane ziyakujabulela ukunyakazisa imizimba, okuhlanganisa ukunyakaza nokudlala

(Excell & Linington, 2009).

I- Teacher’s Handbook for Teaching Reading in the Early Grades (2007, p. 9), iyachaza

ukuthi umfundi obizwa ngokuthi umfundi osafufusa (emergent reader), ngumuntu

owenza lokhu: osebenzisa izithombe ukuxoxa izindaba, owazi eminye yemisindo

(phonics), kanye nezimelamsindo ezakha leyo misindo. Kanti futhi umfundi osafufusa

ngumuntu owazi ukuthi izilimi zaseNtshonalanga nezase-Afrika zibhalwa kusukela

kwesokunxele kuya kwesokudla, futhi kusukela phezulu kuya phansi. Ngaphandle

kwalokhu, futhi uba nothisha lapho kufundwa izincwadi zezindaba, akwazi ukuwabona

amanye amagama ukuthi abizwa kanjani azi nezincazelo zawo ngokwasemphakathini

aphila kuwo. Njengokuthi nje afunde amagama ezinto ezikhona emphakathini, afunde

nezincwadi ezijwayelekile abone namaphethini emagameni.

Lokhu kuyahambelana nokushiwo nguStreet (1997) okholwa ngukuthi abantwana lapho

bekuleli zinga lokufunda okusafufusa bazuza okuningi ngabakubona kubhaliwe, babhale

lokho abakuzwa embhalweni oyizindaba nanokuthi babone abanye bebhala imiyalezo

enomqondo. Okunye futhi akubalayo uStreet (1997) ukuthi abantwana bayafunda

ngezincwadi ezinezithombe nemifanekiso ethile ehambisana nendaba. Okwesithathu

ukuthi abantwana bayazuza futhi ukufunda lapho begqugquzelwa ukuba bazitholele

izinto ezithile ngokuba babhale. Okwesine ukuthi bayafunda abantwana ngokuhlela

amagama nezithombe ukwakha izinhlamvu (letters) kanye nolwazi lokubona

132

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!