26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kokubuka othisha ngenkathi befundisa ukufunda okubhaliwe emakilasini, uDurkin

wasonga ngokut hi othisha babechitha isikhathi esincane kakhulu lapho befundisa

ukufunda okubhaliwe, okwakungabalekeleli abafundi ukuba bawuqonde umbhalo

abawufundiswayo. Babechitha isikhathi esingaphansi kwephesenti eli-1 ekufundiseni

abantwana ukufunda okubhaliwe ngenhloso yokuba bakuqonde. UDurkin uphawula athi

ngeshwa, abacwaningi abaningi ngisho nanamuhla basalokhu beqhubekile nokubika

ukuthi akukho bungcono obusatholakele ngemiphumela yokufundisa ukufunda

okubhaliwe (Collins-Block, et al, 2003). Lapho ebuzwa uDurkin ngokuyikhona

kwakwenziwa ngothisha lapho befundisa ukufunda okubhaliwe, uDurkin wabika ukuthi

othisha abafundisi ukufunda okubhaliwe, kodwa abakwenzayo ‘ukutshela’ abafundi

nokubuza (‘mention’ and ‘question’). NgokukaDurkin (1981a, p. 516):

a mentioner is a teacher who says ‘just enough about a topic, for example,

unstated conclusions, to allow for a written assignment to be given...

Ngale kwalokhu, uDurkin wabika ukuthi othisha babengalokothi bagxile

olwazinimagama kumbe emagameni okufanele aziwe ngabafundi. Uma babekwenza,

babekwenza nje kube sengathi bagcina icala (Durkin, 1981a, p. 524). Othisha babevele

bafundise uhlu lwamagama izingane okumele ziwazi nje, emva kwalokho babuze

imibuzo. Okuyiyona nto eyayihamba phambili-ke kwakungamaphepha ayenikezwa

abafundi ukuba babhale imisebenzi, baphendule imibuzo yokuhlolwa, kodwa hhayi

ukufundisa ukufunda okubhaliwe, njengoba ngivezile esigabeni esingenhla.

UDurkin (1981b) waphinde wenza olunye ucwaningo lapho ayecubungula khona

izincwadi zokufundisa ukufunda okubhaliwe ezinhlanu ezazithathwa njengezinohlonze

lapho ziqhathaniswa nezinye ezazishicilelwe ezingeni likazwelonke. Waphinda wathola

imiphumela evumelana nocwaningo lwakhe lokuqala. Isizathu salokhu kwaba ukuthi

abashicileli bezincwadi, njengothisha, babehluleka ukuveza umehluko phakathi

kokufundisa ukufunda ngokuqondisisa nokuhlola ukufunda ngokuqondisisa. Lezo

zincwadi zazingenalutho olwalulekelela othisha mayelana nokuthi kwakufanele

bazifundise kanjani izingane ukufunda okubhaliwe ukuze zikwazi ukufunda futhi

zikuqondisise ezikufundayo. Kunalokho, izincwadi okuyizona ezazithathwa

44

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!