26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ISAHLUKO 7

ABAKWENZAYO OTHISHA LAPHO BEFUNDISA UKUFUNDA

OKUBHALIWE OLIMINI LWASEKHAYA LWESIZULU:

7.3 ISINGENISO

INGXENYE YESIBILI

Esahlukweni esedlule ngixoxe ngokuthi othisha bakufundisa kanjani ukufunda

okubhaliwe (reading) ebangeni lesibili lesiZulu ulimi lwasekhaya. Ngihlele ingxoxo

ngaphansi kwezindikimba eziyisithupha, kodwa ngakhuluma ngendikimba eyodwa

esahlukweni sesithupha. Kulesi sahluko ngizoxoxa ngabakwenzayo othisha lapho

befundisa ukufunda okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu ebangeni lesithathu.

Ngizokhuluma ngendikimba yokuqala, ngikhombise ngokwehlukana okwenzeka kulezi

zikole (iMbalenhle neGolide) endikimbeni yokuqala kuphela. Ngizobe sengixoxa

ngezinye ezilandelayo izindikimba, lapho ngizobe ngingasahlukanisi okwenzeka isikole

nesikole noma ikilasi nekilasi. Isizathu salokhu ukuthi kwakungekho mehluko otheni

kokwakwenzeka kuwo onke amabanga futhi kuzo zombili izikole kulezi ezinye

izindikimba. Kodwa lapho uvela khona umehluko, ngizochaza ngokucacile ukuze kucace

ukuthi lokho okungumehluko kwakukusiphi isikole noma kuliphi ibanga. Nakhona lapha

ngizobe ngizama ukuphendula umbuzongqangi wesibili othi: Othisha bakufundisa

kanjani ukufunda okubhaliwe olimini lwasekhaya lwesiZulu emabangeni aphansi?

Kodwa lapha njengoba sengichazile, indikimba yokuqala ibuka kuphela ibanga

lesithathu, bese kuthi lezi ezinye izindikimba zididiyele okwenzeka kuzo zombili izikole.

Ulwazi olwasebenza ekuphenduleni lo mbuzo lwatholakala ngokubuka othisha befundisa

emakilasini. Kwakusetshenziswa isithwebulizithombe ukuqoqa ulwazi olwabe ludingeka,

kanye nokuthathwa kwamanothi ayebhalwa ngesandla ngokwabe kwenzeka. Lokhu

kwenzeka ngempumelelo njengoba umcwaningi wayenomsizi, okunguyena

owayethwebula izithombe ngesithwebulizithombe esinesiqophamazwi. Isizathu

sokuthathwa kwamanothi yize kwakunesithwebulizithombe kwakungenxa yokuthi

229

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!