26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ebhodini, bese ethi abakhe imisho ngawo. Uthisha watshela abafundi ukuthi badwebele

amagama angamabizo kule misho. Kwakwenzeka kube namabizo amabili emshweni

owodwa kodwa uthisha wayengakhulumi ngelesibili ibizo. Nalapho kwakungundaweni

osukela ebizweni, uthisha wayetshela abafundi ukuthi yibizo.

Okwaqapheleka ukuthi le misho ababeyenza yayingasenawo umsindo ka ‘ngw’

ababekade bewufunda lonke isonto. Kanti lokhu kuveza umqondo wokuthi uthisha waba

nezifundo ezimbili esifundweni esisodwa. Ngikusho lokhu ngoba isigaba sokuqala

sesifundo kwakungukubhala isibizelo. Lapho sesiphelile uthisha wabe esethula isifundo

esisha, okuyibizo, okwakungenabudlelwano nomsebenzi owawukade wenziwa. Ngikusho

lokhu ngoba amagama angamabizo ayenziwa alikho nelilodwa elalinomsindo ka ‘ngw’.

Lokhu kukhombisa khona ukuthi uthisha akwenzayo kunokuziphikisa, njengoba wayethe

ugxila emsindweni owodwa iviki lonke. Lokhu kufakazelwa nangamazwi awasho

ngesikhathi abafundi sebebhalile isibizelo babhala nomusho othi ‘Ingwe idla ngamabala’.

Uthisha wathi:

Ama-leaders ethu awangiqoqele ama-exercise bese nivala imilomo

siqhubeke nokufunda. Vala i-exercise uma usuqedile. Asedlule lapho. Konje

sithe yini ibizo?

Le nkulumo ecashunwe ngenhla ikhombisa ukuthi saphela isifundo sokuqala, kwangena

isifundo esisha njengoba uthisha wabe esethula isifundo esehlukile kulokhu ayekade

ekwenza. Lokhu kwakungadala inkinga ezinganeni, zingazi ukuthi yini injongo yesifundo

sosuku. Isibonelo semisho ababeyibhala:

Fig. 22 Imisho

Ugogo uphuza itiye.

Inyoni iyandiza

Umoya wami udangele.

Inja yami idla uphuthu.

Mina ngidlala ibhola.

Umama uthela ubisi etiyeni

Dwebela ibizo kule misho elandelayo

244

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!