26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

5.2.2.4 UKUSETSHENZISWA KWEZICHUSE EZIYIMIDWEBO (CARTOONS)

Ezingxoxweni kwavela ukuthi izichuse eziyimidwebo zibalulekile ekufundiseni ukufunda

okubhaliwe, nakuba bengavezanga ukuthi bayaye bazisebenzise lapho befundisa, kodwa

baveza nje ukubaluleka kwazo. Lokhu akuvezwanga othisha abaningi kodwa kwavezwa

uthisha oyedwa kwabayisishiyagalombili. Lapho umcwaningi ebuza ukuthi njengoba

enalo lolu lwazi, uyalusebenzisa yini lapho efundisa, uthisha waphendula ngokuthi

nakuba azi, kodwa ngenxa yokushoda kwazo izinsiza ubengakaze akwenze kodwa

usazozama ukukwenza. Uthisha wachaza ukuthi izichuse kungaba ngezidwetshiwe

encwadini, eshadini kumbe ebhodini.

Ngezichuse eziyimidwebo uthisha angacela abafundi ukuthi babuke isithombe bese

ebacela ukuthi baxoxe indaba ngabakubonayo. Kungaba khona okubalekelela

ekucabangeni kwabo ukuze bathi noma bexoxa indaba kube ukuthi indlela ababona

ngayo ayiqhelile kakhulu kulokhu okungase kube kulindelekile. Isibonelo, uthisha

angaveza umdwebo wezichuse efuna ukuba abafundi baxoxe ngokuya kwandabazabantu.

Lapho angakhombisa nangombhalo ukuthi lawa ngamahhovisi akwandabazabantu.

Sebengasho-ke ukuthi kwenziwani kwandabazabantu, njalonjalo.

Ngaphandle kwezichuse eziyimidwebo, uthisha angalungisa nezichuse nonodoli

abakhandwe ngezidwedwe kumbe abathengwayo). Nokho-ke, njengoba sengichazile

ngenhla, konke lokhu uthisha akuchazayo akakwenzi, kodwa uveza ukuthi yinto

okufanele yenzeke ngale ndlela. Ngamanye amazwi, lokhu kusho ukuthi nakuba othisha

kungenzeka ukuba baba nalo olunye ulwazi, kodwa abalusebenzisi. Isizathu sokuthi

izinsiza ziyashoda yingakho engazisebenzisi izichuse ekufundeni, yisizathu

esingezwakali kahle ngoba izichuse angazakha ngamaphepha, ngezidwedwe, azidwebe,

njalonjalo. Le nkulumo engezansi ka thisha uNtombifuthi icacisa lokhu:

...Okunye-ke kuyaba khona ama-cartoons. Angikaze khona ngiwasebenzise

kodwa ngiyafisa ukuthi ngiwenze.ama-cartoons mhlampe kube nama

bubbles..mhlampe ngibuze ukuthi uthini lo osesithombeni, bakhuluma

ngani…ukuthi bengingakayitholi esezingeni labo. I-cartoon leyo mhlampe

169

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!