26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

La mazwi angenhla angethusa ngoba akhombisa ukuthi bonke (uthisha nezingane zakhe)

kusengathi sebekwamukele ukuthi isiZulu lulimi olubukeleka phansi, olungabalulekile.

Ngale ndlela uthisha nabafundi bakhe kwabamangaza ukuthi kukhona abalukhathalelayo

ulimi lwesiZulu, abanesikhathi sokulucwaninga. Lokhu kufakazela khona ukuthi othisha

nabafundi babengalindela ukuthi kube nocwaningo olwenziwa ngolunye ulimi

‘olubalulekile’ kodwa hhayi isiZulu ngoba sona ‘asibalulekile’. Lokhu kusho ukuthi

insila kumele iqale ikhuculwe kubo othisha ngaphambi kokuba kusolwe abanye abantu,

ngesizathu sokuthi othisha bahlala nezingane isikhathi esiningi esikoleni, kanti lezi

zingane yizona ezingakhula zenze umehluko lapho zikhonjiswa iqiniso ngolimi lwazo.

Ngamanye amazwi lokhu kukhombisa ukuthi kudingeka kuphunywe umkhankaso

kuqwashiswe othisha ezikoleni ngokubaluleka kolimi lwesiZulu, nangokwazi nje

ngamalungelo olimi. Kanti lokhu yinto engadinga ukuthi othisha bayedlulisele ezinganeni

abazifundisayo.

8.5 UKWENTULEKA KWEZINSIZAKUFUNDISA ZOKUFUNDA

OKUBHALIWE

Izinsizakufundisa zibalulekile ekufundiseni ukufunda okubhaliwe. Futhi lapho uthisha

efundisa ukufunda okubhaliwe akufanele azibe noma akhohlwe amanye amakhono olimi

(ukukhuluma, ukubhala, nokulalela). Lokhu kungasho ukuthi ekilasini kumele zibe khona

izinsizakufundisa ezilekelela ekutheni abantwana bakhulume, babhale, bafunde baphinde

balalele. Ngaleyo ndlela izinsizakufundisa zibalulekile ukuba zisetshenziswe nguthisha

lapho efundisa noma yiliphi lalawa makhono.

Kwatholakala ukuthi othisha abasebenzisi izinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe

ngokwanele ukuze abantwana bathuthuke ekufundeni okubhaliwe. Izinsizakufundisa

abazisebenzisayo zimbalwa kakhulu. Ngingabala amashadi, amagama asikiwe, imisho

esikiwe, ibhodi, incwadi eyodwa ekilasini, kanye nezithombe ezidwetshwe ngesandla.

Othisha babebuye basebenzise izindaba ezibhalwe ngesandla ezinombala omnyama.

Lokhu kungenxa yokushoda kwezinsizakufundisa ezikoleni. Izinsizakufundisa

engibhekise kuzo yilezo ezingalekelela ingane ukuba ithuthuke ekufundeni umbhalo.

298

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!