26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

nokwakuthwetshulwe ngesithwebulizithombe ngesikhathi othisha befundisa. Lapho

sengikuqedile lokhu, ngabe sengikuhlaziya, ngisebenzisa izindlela zokuhlaziya

zocwaningo lobunjalo botho (qualitative data analysis methods), kanye nenjulalwazi

nohlaka lwemicabango yocwaningo, okuzoxoxwa ngakho esahlukweni esilandelayo.

3.8 UKUHLAZIYA OKUTHOLAKELE (DATA ANALYSIS)

Njengoba lolu kulucwaningo lobunjalo besimo (qualitative case study), izindlela

zokuhlaziya kwaba yilezo ezisetshenziswa ngabacwaningi bobunjalo besimo. Olwazini

olutholakele ngakha izindikimba ukuchaza ukufundiswa kokufunda okubhaliwe

emabangeni esibili nawesithathu emakilasini esiZulu ulimi lwasekhaya kulezi zikole

ezimbili ezaziyingxenye yocwaningo, iMbalenhle neGolide. Lezo zindikimba

zazihambisana nemibuzongqangi okuyiyona ihola lolu cwaningo.

Ngakho-ke yilowo nalowo mbuzo wakhipha izindikimba eziqondene nawo, kodwa

umbuzongqangi wokuqala nowesibili yayinezindikimba ezifanayo. Umbuzongqangi

wesithathu waba nezehlukile izindikimba, nokuyizona uvuthondaba lombiko walolu

cwaningo lulele khona. Kulo mbuzongqangi wesithathu, ngangizama ukuthola izizathu

ngabakushoyo othisha kanye nabakwenzayo. Lapha ngaqala ngasebenzisa amazwi abo

ababewasebenzisa ngezizathu ezenza benze ngendlela abenza ngayo lapho befundisa

ukufunda umbhalo, ngabuye ngahlaziya abakushoyo, sengisebenzisa injulalwazi

yokuhlaziya kaVygotsky (1978) kanye nohlaka lwemicabango, okuzoxoxwa ngakho

esahlukweni sesine. Ngabuye ngabuka izindikimba ezitholakalayo ngiqhathanisa

nokwake kwabikwa abanye abacwaningi abamayelana nokufundwa kokubhaliwe,

ngibheka ukufana nokwehlukana kwengangikuthola.

UCreswell (2009, p. 175) ubeka ukuthi abacwaningi bocwaningo lobunjalo botho

basebenzisa i-inductive data analysis, bakhe amaphethini (patterns), ama-categories

kanye nama-themes kusukela phansi kuya phezulu (kusukela kulawo asobala kuye njalo

ngokujiya kokwakhiwa kwawo), ngokuhlela ulwazi olutholakele ngendlela yokuthi

kuqale ngalokho okubonakala kalula kuye njalo ngokujiya kuze kufike ekwakhiweni

109

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!