26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

okufunda, ukubhala kanye nokubala akuyona inkinga encane, kuseyinselelo enkulu

impela. Kodwa kudinga ukuthi kusetshenzwe kanzima ukuze kube khona ubungcono,

futhi nakhona akulula ukuba kungavela isixazululo ngonyaka owodwa, njengoba kule

nkulumo kucacile ukuthi umbono lona ngowesikhathi eside, angeke ufezeke

ngomzuzwana nje.

1.4 UBUMQOKA BOKUFUNDA NOKUBHALA

Lapho ulwazi lokufunda nokubhala imibhalo (literacy) kuthathwa njengesihluthulelo

sokufunda izifundo (learning), ukufunda okubhaliwe (reading) yinto yokuqala eholela

ekufundeni izifundo (learning). Ngale ndlela–ke ulwazi lokufunda nokubhala enganeni

luyinikeza isisekelo sempumelelo ebangeni elide esazolihamba emfundweni njengoba

ikhula (Pretorius, 2002; 2004; Pretorius & Machet, 2008; Tiemensma, 2007; Beller,

2008; Zimmermann & Hutchins, 2003; Block & Israel, 2005; Smith & Elley, 1994).

Lokhu kuchaza ukuthi ukufunda umbhalo akusikhona nje ukufunda kwangempela uma

abafundi befunda kodwa bebe bengakuqondi abakufundayo, ngoba akubi namphumela

(Reading Rockets, 2009, Zimmermann & Hutchins, 2003; Bester, 2008; Smith & Elley,

1994; Block & Israel, 2005). Ngaleyo ndlela ukufunda ngokuqondisisa yikhona

okuyinjongo yokufunda okubhaliwe (Reading Rockets, 2009; Snowling & Hulme, 2007).

Kanti lokhu kufakazelwa nangulowo owayenguNgqongqoshe wezeMfundo, uNaledi

Pandor obeka ukuthi ukufunda okubhaliwe yiyona nto ebaluleke kakhulu ekufundeni

izifundo (learning) kwengane (Joubert, 2004; Joubert et al, 2008). Kanjalo

noNgqongqoshe WezeMfundo yamabanga aphansi (Basic Education) osesikhundleni

njengamanje (ngonyaka wezi-2010) u-Angie Motshekga, naye waweseka lo mbiko

ngonyaka wezi-2009 (DoE, 2010). U-Clay (2003) ubeka ukuthi ukufunda okubhaliwe

akusikho nje ukufunda izimpawu nemifanekiso kube yimisindo namagama ashiwo

ngomlomo, kodwa kungukuthola umyalezo, uqonde okufundayo, nokukwazi ukwenza

umsebenzi owunikiwe ngempumelelo, okuyikhona kukhulisa ikhono lokufunda

ngesikhathi kulokhu kujwayelwa ukwenziwa. Kanjalo no-Inglis nabanye (2000, p. 57)

12

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!