26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ibeka ukuthi ulwazi lwemisindo lusho ukukwazi ukuqaphela, ukucabanga nokusebenzisa

izinhlamvu emagameni akhulunywayo. Kanti uShanahan (2006) embikweni awethula

kwi-National Reading Panel Report ubeka ukuthi ulwazi lwemisindo lusho ukukwazi

ukulalela noma ukuzwa imisindo eyizinhlamvu emagameni akhulunywayo kanye

nokukwazi ukuzisebenzisa. Ngamanye amazwi nanxa kubalulekile ukuthi umfundi azi

imisindo elalelwayo, kumele abe nalo futhi ulwazi lokubona le misindo isibhalwe phansi.

Ngamanye amazwi kufanele ingane yazi ubudlelwano obukhona phakathi komsindo

nophawu oluwumele. Ngale kwalokhu, kumele abafundi bakwazi ukuzibona zizihambela

zodwa izimelamsindo, bazihlephule emagameni aphelele. Ngaphambi kokuba abantwana

bafunde ukufunda okubhaliwe, kufanele bazi ukuthi izimelamsindo zisebenza kanjani

ukwakha igama eliphelele. Lokhu kuchaza ukuthi kumele bazi ukuthi kufanele baqonde

ukuthi amagama akhiwa yizimelamsindo noma yizinhlamvu (DoE, 2008c),

ezinobudlelwano nemisindo elalelwa ngendlebe.

Ngakho-ke injongo yokufundisa abantwana ulwazi lwemisindo, ukuba bakwazi ukuzwa

umehluko emisindweni eyahlukene, bakwazi nokuyibona isibhalwe phansi,

isiyizimelamsindo, ingasezwakali ngendlebe kodwa isibonakala ngamehlo. Lokhu kusiza

ukwehlisa izinga lokwehluleka ukufunda okubhaliwe (Nicholson, 2006, p. 31). Ngale

ndlela abantwana basebenzisa izindlebe zabo ukulalela, kodwa hhayi amehlo lapho

befundiswa imisindo (Duffy, 2009, p.198), kanti izimelamsindo yileyo misindo

esibhalwe phansi, esikwazi ukuyi bona ngamehlo. Kumele kugcizelelwe ukuthi ulwazi

lwezimelamsindo lungafundwa njengesendlalelo sokuzofundwa (pre-reading activity)

futhi kuvame ukufundiswa abantwana abasacathulayo ekufundeni okubhaliwe. Kodwa-

ke, abanye abantwana bathi beqambe beza esikoleni bebe sebevele bekwazi

ukwehlukanisa imisindo ethile ngenxa yokuthi bebekade bedlala imidlalo yemisindo

besesekhaya, becula imilolozelo, befundelwa izindaba ezinemisindo ethile egqanyiswayo

kuzo, kanti bebebuye benze izinto ezithile ezihlobene nemisindo okuzobasiza lapho

sebengena esikoleni (Duffy, 2009, p. 198).

138

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!