26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ngamanye amazwi benza kanjani ukuthi abakwenzayo kubonakale kuyiyona nto

okumele ithathwe njengefanele yenziwe. Abacwaningi abaningi bayavumelana ngokut hi

umuntu nomuntu uzakhela yena ulwazi kunokuba aluthole kwabanye abantu. Ngale

ndlela, ama-constructivists avumelana ngokuthi ingane ifunda kangcono lapho izitholela

yona ulwazi ngokuba izibonele into ethile yenzeka futhi ibambe iqhaza elibalulekile

ekufundeni kwayo (Language of Learning, 1997).

I-constructivism ibeka ukuthi ulwazi akukhona nje ukuthi lumayelana nomhlaba, kodwa

lwakhiwa yiwo umhlaba (knowledge is not about the world, but rather constitutive of the

world) (Sherman, 1995). Lokhu kusho ukuthi ulwazi aluyona nje into eyisimbelambela

esibekwe laphaya ukuba lowo nalowo ofuna ulwazi avele azitapele alusebenzise, kodwa

ulwazi lwenziwa ngumuntu, ekwenza lokhu ngakubonile ngaleyo nto afunda ngayo.

Lokhu kusho ukuthi lapho kufundwa okubhaliwe, i-constructivism igcizelela ukubaluleka

komfundi okunguye ofundayo, uthisha ofundisayo nendawo okufundwa kuyo.

Injongo enkulu ye-constructivism ukwakha abantu abazobamba iqhaza elibalulekile

ezintweni ezenzakala endaweni abaphila kuyo. Ngaleyo ndlela abantwana kumele

banikezwe ithuba lokuba babambe iqhaza elibonakalayo ekufundeni kwabo

nabakwenzayo (Farstrup & Samuels, 2003). Ngamanye amazwi, i-constructivism isenza

siqonde kahle ukuthi ukufunda kusho ukubamba iqhaza ekufundeni kwakho wena

ofundayo uqobo, ukuze kube ngokunomqondo noma okunezithelo ezinhle; ngokuba ube

yingxenye yokwenzeka emphakathini, ngokosikompilo, ngokwepolitiki nangokuncike

emlandweni othile. Ngale kwalokhu, ama-constructivists ayakugcizelela ukuthi

akunamqondo ukuba uthisha avele azithathele eyedwa nje izinqumo ngokuzofundwa bese

evele enikeza abantwana ulwazi, ngaphandle kokuba abenze babe yingxenye

yokufundwayo futhi babonakale bebambe iqhaza elibonakalayo ngabakufundiswayo,

aphinde ahlole ukwenza kwabo ekwakheni umqondo. Ngamanye amazwi uthisha kumele

abeke ingane phakathi nendawo kube yiyona esemqoka ekufundeni, yena akhombe

kuphela indlela kumbe ayibonise. Ngale ndlela, i-constructivist paradigm ihambisana

kahle nalolu cwaningo oluhlose ukubheka ukuthi ingane ithuthuka kanjani ekufundeni

okubhaliwe, okuyinto esemqoka emfundweni yayo futhi okuyiyona nto eyisisekelo

87

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!