26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

7.2.1.3.2 NGOLWESIBILI

Ngosuku lwangoLwesibili uthisha waqale wababuza imibuzo ngendaba ababekade

beyifunda ngayizolo. Wabe eseqala efundisa amagama ayezotholakala endabeni

ababezoyifunda (Bheka iseleko se-13 ekhasini lama-369 ezelekweni ngemuva). La

magama wayewachaza ngalinye ebuza abafundi ngawo. Amanye babewazi amanye

bengawazi, wase eyawachaza-ke lawo abangawazi. Wayebakhombela ngenduku ebhodini

lapho kufundwa la magama, bawafunde beyikilasi, abuye athi abafunde ngayedwa.

Waqala kanje uthisha uNtombifuthi:

T: So now asiqale-ke indaba entsha ngoba le yayizolo isiphelile, kodwa asiqale

ngokufunda amagama esizohlangana nawo kule ndaba. Asiwafunde-ke.

L: Indoda.

T: Konje yini indoda, indoda umuntu onjani?

L: Umuntu owubaba.

T: Yebo, konje yiliphi igama eliphikisa indoda?

L: Indodakazi.

T: Cha indodakazi yingane yentombazane.

L2: Inkosikazi.

T: Yebo.

T: Asifunde elilandelayo.

L: Indodana.

T: Konje yini indodana?Indodana umuntu onjani?

L: (Kuthulekile)

T: Indodana ingane yasekhaya yomfana. Nami nginayo indodana eyodwa. Umngani

wami unamadodana amabili, indodana uma iyodwa, amadodana uma emabili.

T: Leli.

L: Umndeni.

T: Konje yini umndeni...umndeni yilapho sithola khona ubaba nomama nezingane, bonke

labo bakha umndeni.

T: Leli.

L: Obhasikidi.

T: Obhasikidi sifaka kubo izimpahla, kungenzeka kube izimpahla, noma ukudla. Leli?

L: Ingane.

T: Yebo ingane, engani nathi siyizo izingane. Ingane kungaba ebelethwayo, noma kube

yingane engangani.

T: Elinye.

L: Ubusuku.

T: Ehhe, ebusuku , konje senzani ebusuku.

L: Siyalala.

T: Simbathani ebusuku?

L: Izingubo.

250

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!