26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

semfundo njengoba onke amanye amakhono olimi encike ekufundeni okubhaliwe

(Pretorius, 2000, 2002; Rosenblatt, 2004; Ruddell, 2004; Segalwe, 2006; Sweet & Snow,

2003). Kanjalo-ke nayo i-constructivist paradigm igcizelela ukuthi ulwazi lwakheka

kanjani enganeni efunda okubhaliwe.

3.2.2 UCWANINGO LOBUNJALO BOTHO (QUALITATIVE RESEARCH STUDY)

Lolu wucwaningo lobunjalo botho (qualitative research study). UCreswell (2009) uthi

abacwaningi bocwaningo lobunjalo botho baqoqa ulwazi oludingwa ucwaningo kulabo

abangabahlanganyeli bocwaningo, besendaweni ababa kuyo nsukuzonke (abasebenza

noma abahlala kuyo) benza izinto abavama ukuzenza njengokwejwayelekile.

Abacwaningi bocwaningo lobunjalo botho baqoqa ulwazi ngesikhathi labo

abangabahlanganyeli bocwaningo besesimweni esejwayelekile, babuke ukuthi yikuphi

abakwenzayo noma abakukhulumayo, njalonjalo (p. 175). Ubeka kanje uCreswell (2009,

p. 175):

Researchers do not bring individuals into a contrived situation nor do they

typically send out instruments for individuals to complete. This up close

information gathered by actually talking directly to people and seeing them

behave and act within their context is a major characteristic of qualitative

research. In the natural setting, the researchers have face to face interaction

overtime.

Le ndlela yocwaningo iyahambelana nalolu cwaningo ngoba ukuze ngithole ulwazi

olwaluzophendula imibuzongqangi kwadingeka ukuba ngiye ezikoleni lapho

ngangizoqoqa khona ulwazi kothisha ababefundisa ibanga lesibili nelesithathu ezikoleni

zamabanga aphansi ezisendaweni yaseMlazi. ULincoln benoGuba (1985) babeka ukuthi

ucwaningo lobunjalo botho ‘yi-natural inquiry’ lapho kungekho into eyenzekayo

engathathwa njengengenamsebenzi noma ithathwe noma yikanjani, futhi ongeke

wachaza ngayo ungakayicwaningi. Nanxa izingxoxo nabahlanganyeli bocwaningo kanye

nokubukela othisha befundisa (observations) kwaba yizindlela ezibalulekile ekuqoqeni

ulwazi locwaningo, akuzange kube khona kunonga okwenziwa noma engazakhela khona

ngokwami, kodwa konke okwasetshenziswa njengolwazi oluqoqwe kwabacwaningwayo

kwaba njengoba kunjalo.

88

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!