26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

okubhaliwe kunoma yiluphi ulimi loMdabu eNingizimu Afrika, ikakhulukazi uma

kululimi lwasekhaya / lokuqala. Ucwaningo oluningi lwenziwe olimini lwesiNgisi. Kanti

nanxa lukhona olugxila ezilimini zabansundu, kodwa kuyaqapheleka ukuthi lolo

oluyimbijana lugxila olimini lokwethekelwa kulolo limi (Pretorius & Mokhwesana, 2009;

Pretorius & Ribbens, 2005; Prah, 1995; Le Roux, 2002a; Le Roux, 2002b). Kanti

nasemazweni angaphandle, ikakhulukazi eMelika; kuyacaca ukuthi ikhona inkinga

mayelana nokufundisa ukufunda okubhaliwe (Laufer, 1992; Ulijn & Strother, 1990).

Kuyaqapheleka ukuthi abacwaningi abaningi lapho becwaninga ngokufunda okubhaliwe,

iningi labo libheka ingxenye eyodwa yokufunda okubhaliwe (one constituent of reading),

bakhohlwe ukuthi yizo zonke lezi zingxenyana zokufunda okubhaliwe ngoku hlangana

eziholela ekutheni umuntu akwazi ukufunda okubhaliwe futhi akuqonde akufundayo.

Njengoba sengike ngachaza esahlukweni esedlule, inhloso yokufunda okubhaliwe ukuba

lowo ofundayo akuqonde, akhe umqondo ngakufundayo. Ngamanye amazwi, ngeke nje

uthisha avele athi, “Namhlanje sizofunda ukufunda ngokuqondisisa” ngoba ukufunda

ngokuqondisisa kungumphumela wokufunda okubhaliwe, kanti yiyona nhloso yokufunda

okubhaliwe.

Lokhu kusho ukuthi lapho uthisha efundisa ukufunda okubhaliwe, ekugcineni kumele

ingane ikwazi ukuqondisisa ekufundayo. Ngale ndlela kuyacaca ukuthi abacwaningi

abaningi esikhathini esiphambili babengabheki nje ukufunda okubhaliwe okunenhloso

yokufunda ngokuqondisisa umbhalo, kodwa kunalokho babebuka lezi zingxenye

zokufunda okubhaliwe kube sengathi zingakwazi ukuzimela ngokwazo, zingabi

namthelela kwezinye nazo ezibalulekile ekufundeni umbhalo. Kanti abacwaningi

bakamumva, bayagcizelela ukuthi ulwazi lwezinhlamvu zamagama noma

lwezimelamsindo (phonemic awareness), ulwazi lokubona (lokuhlonza igama) (word

recognition), ukufunda ngokungangingizi noma ngokunganqikazi (fluency),

ulwazimagama (vocabulary), kanye nokufunda ngokuqondisisa (comprehension), konke

lokhu kudingeka kuthuthukiswe kumfundi, kufundiswe kahle ngoba yikhona okuholela

ekutheni umfundi akwazi ukufunda okubhaliwe ngokuqondisisa.

41

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!