26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2.4.4 INDLELA EYINGXUBE (ECLECTIC APPROACH)

Indlela engxube (eclectic approach) ihlanganisa indlela yokufundisa izimelamsindo (

imisindo) kanye ne-look-and-say method. Isebenzisa umusho kanye negama okuyizinto

eziphelele, (Joubert et al, 2008, p. 92). I-Answers.com (2009) iveza ukuthi le ndlela

isebenzisa izindlela ezahlukene ukuletha isixazululo lapho kufundwa, kumbe lapho

kutholakala inkinga. Igama elithi ‘eclectic’ lisukela egameni lesiGriki elithi eklegin,

okusho ukukhetha. Isibonelo, umuntu one-eclectic taste yamaculo omshado uthanda

izinhlobo ezahlukahlukene zamaculo omshado, aqhamuka ezinhlotsheni ezahlukene

zamaculo omshado kanye nasemasikweni ehlukene. Lokhu kusho ukuthi ukusebenzisa le

ndlela akusho khona ukuthatha okuyimbijana laphaya nalaphaya, kodwa konke lokhu

okuyiwona maphuzu asemqoka ngaleyo naleyo ndlela kusetshenziswa ngempumelelo

ukulekelela ingane ukuba yakhe umqondo ngekufundayo.

2.4.5. I-LANGUAGE EXPERIENCE APPROACH

UFlanagan (1995, p. 33) uthi:

The Language-Experience Approach to the teaching of reading is based on

the understanding that language and culture are intertwined- we learn to use

language according to the way the people in our immediate community (our

parents, family, community, church) use the language.

Ngale ndlela, lokho ingane eke yakubona noma yakwenza noma kwayehlela (Grunning,

2005, p. 105) kusetshenziswa ukufundisa ukufunda okubhaliwe kanye nokubhala. Ingane

ixoxa indaba yayo, ixoxe ngezehlakalo ezithile eke yazibona noma zayehlela, eke

yakuzwa noma ngekubone esithombeni. Ingane ingachaza ngokwenzekile noma

ngesehlakalo icele uthisha ukuthi akunikeze isihloko esithile abese esibhala ebhodini.

Ingane ibe isifundela abangani bayo ekilasini. Ngale ndlela ingane yakha ibhuku layo

lokufunda umbhalo noma incwadi yezindaba. Futhi ingane ifunda ukuthi izimpawu

ezibhalwe phansi zimele amagama akhulunywayo nokuthi lezo zimpawu zingafundwa

ziphindaphindwe zingaguquki kwezikushoyo. Abantwana ‘bangafundisana’ ukufunda

imibhalo yomunye nomunye ngokushintshana. Ekuqaleni, ukufunda umbhalo

74

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!