26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngoba konke lokhu kuzomsiza ekutheni akuqonde okufundwayo (Joubert et al, 2008, p.

82). Lokhu kufakazelwa nanguCommeyras (2009) waseMelika obeka ukuthi ukuze

ukufunda okubhaliwe kube yimpumelelo, kubalulekile ukuba umntwana abhale ngoba

lokhu kokubili kuyahambisana. Uyachaza uCommeyras (2009) ukuthi injongo yokubhala

umbhalo wukwedlulisa umlayezo, kanti ukufunda umbhalo kuwukuthola umlayezo

ngoku bhaliwe.

Uqhubeka achaze uCommeyras ngokuthi ukufunda okubhaliwe (reading) kuyilokhu

okuyikhona nje ngenxa yokuthi kukhona ukubhala (writing), kanjalo nokubhala

kuyilokhu okuyikhona nje ngenxa yokufunda okubhaliwe. Lokhu kuchaza ukuthi lapho

kukhona okubhaliwe, kukhona ozokufunda, nalapho umuntu ebhala, uyabhala ukuze

kube khona abazofunda.

Kanjalo noVygotsky (1978), ubeka ngokuthi abantwana kumele bafundiswe ukufunda

okubhaliwe nokubhala ngezinto abazibonayo nabaphila nazo emphakathini njengoba

okufundwayo kuyizinto abaphila nazo futhi abazibonayo zenzeka emiphakathini (reading

and writing must be relevant to life, as the child is surrounded by everyday reading and

writing materials). Yingakho nje uCommeyras ebeka ukuthi abantwana abafunda kahle

imibhalo, bayavama futhi ukuba babhale kahle. Lokhu kufunda kahle okubhaliwe akusho

khona ukufunda igama emva kwegama, kodwa kusho ukufunda okunomqondo. Kanjalo

nalapho umntwana ebhala kahle, akusho khona ukuthi ubhala ngesandla esihle,

esibukekayo; kodwa kusho ukuthi ubhala into enengqondo.

USwanson (1999) ugcizelela ukuthi injongo nomqondo owethulwa umbhalo yizona zinto

ezisemqoka lapho kufundwa okubhaliwe. Ngale ndlela ubeka ukuthi lapho kufundiswa

ukufunda okubhaliwe, ulwazi lwezimelamsindo kanye nokufunda ngokungangingizi

kumele abantwana bafundiswe ngakho ngoba kubalulekile. UPoulton (2007, p. 1)

ugcizelela ngokuthi lapho ulwazi lwezimelamsindo nemisindo kanye nokufunda

ngokungangingizi noma ngokunganqikazi (fluency) kushoda, kuye kube nzima ukufunda

ngokuqondisisa. Ngaleyo ndlela, uthisha ofundisa ukufunda okubhaliwe kubantwana

abasacathula, kubalulekile ukuba angazishiyi lezi ezinye izingxenye zokufunda

136

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!