26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

enza iphutha lo mfundi kwakuyinduku yodwa. Uma efunde kahle, kwakuzolandela

imibuzo, kungekho kulekelelwa nguthisha ekucabangeni ngempendulo ngoba phela

wayonile, uthisha evele efuna khona ukuthi kube khona la azohluleka khona bese

emshaya. Esikhathini esiningi, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya, wawuye uthole

isikole sinothisha ababili noma abathathu esikoleni esincane esigcina ebangeni lesine

(Standard Two: Grade 4).

Lapho kufundwa incwadi yezindaba yesiZulu, umfundi wayethola isijeziso esiqinile;

uthisha amsole ngokuthi ‘yisiZulu lesi ulimi lwakho’. Kanti nakhona esiNgisini

kwakuyiso leso, induku iqhuma ngempela. Kwabe kungemnandi neze ukufunda ngalezi

zinsuku. Ngangiya esikoleni ngoba ngizothi ngiyabika ekhaya ngolaka olusesikoleni,

nakhona ngithole induku kuthiwe ‘angizwa’. Kwakuye kwenzeke esifundweni sesiNgisi

kuphela ukuthi uthisha afunde, ahambe phambili, sifunde emva kwakhe, emva

kwalokho kufunde ngayedwa. Wayeye ahumushe uthisha indaba eyayifundwa

encwadini yesiNgisi, ayihumushele esiZulwini ukuze sizwe. EsiZulwini kwakungenzeki

lokhu. Lokhu kufunda kwaholela ekutheni abafundi abaningi basenyanye isikole.

Kwakungesikho kuphela futhi ukufunda okwakuxosha izingane esikoleni, kodwa

nomsebenzi wezandla nezibalo. Kwakubhujwa kulezi zifundo. Ngale ndlela ukufunda

akuzange kube mnandi emabangeni aphansi, kwaze kwaba semabangeni aphezulu,

nakhona kwakunezakhona izinkinga. Ngale ndlela ukufunda kimina kwaba yinto

engakhula ngiyizonda ngoba kwakungalethi kujabula, kodwa usizi lodwa. Kanjalo

nasekhaya, alukho olutheni olwalungelekelela ekufundeni ukufunda imibhalo olimini

lwesiZulu.

Ekhaya, abazali babezama ukungithengela incwadi leyo eyabe ifundwa esikoleni.

Kodwa-ke kwakugcina ngokuba kube yileyo ncwadi eyayingisiza, kwakungekho

okunye okwakungagqugquzela uthando lokufunda. Isizathu ukuthi sasibaningi ekhaya,

kungumuntu oyedwa okwakufanele asithengele sonke izincwadi zokufunda.

Ngaphandle kwalokho, othisha akukho abake bakwenza ukukhombisa abazali

ngokubaluleka kokulekelela ingane ekhaya ngokufunda okubhaliwe. Othisha

babengakugcizeleli ukuthi abazali lingakanani iqhaza okumele balibambe ngezingane

34

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!