26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngamagama ababewanikeza analo msindo ka ‘ph’, uthisha wabe esekhetha ayishumi

nesikhombisa ukuba kube yiwona abawafunda bephindelela. Nanka lawo magama:

Fig. 3 Amagama ayefundwa

phephetha impuphu

phephuka phupha

ichopho uphathini

iphepha umphako

phika phumula

pheka phuza

phula uphephile

uphaphe uphaphile

Njengoba kukhonjisiwe ethebuleni elingenhla, amagama ayefundwa ayebhalwe

ngombala oluhlaza, bese umsindo ka ‘ph’ okuyiwona uthisha ayegxile kuwo ngaleli sonto

ubhalwe ngombala obomvu. Lokhu kwakuba ngukuzikhethela kukathisha ukusebenzisa

imibala eyahlukene, ukuze kugqame umsindo omusha okwakugxilwe kuwo. Lokhu

kwenza ukuthi abafundi banamathelise amehlo abo kulo msindo lapho befunda igama,

nokuyinto elekelela ukuba abafundi basheshe bawujwayele umsindo owethulwayo. Emva

kokuba abafundi befunde amagama angenhla, belekelelwa nguthisha, babe sebeyohlala

phansi ezindaweni zabo, benza umsebenzi abawunikwe nguthisha ukugcwalisa izikhala

emagameni asebhodini ngomsindo lowo ka ‘ph’ ababekade bewufunda. Othisha

babedweba imifanekiso eyisihlanu yezinto ezinamagama anomsindo ka ‘ph’. Lapha

kwabe kulindeleke ukuba abafundi baqondanise imifanekiso leyo namagama achaza leyo

mifanekiso:

201

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!