26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Baningi abazali abangakhulumi nezingane zabo futhi abangazifundeli nezindaba, ngenxa

yokuthi abazi ukuthi kusemqoka kanjani ukukwenza lokhu (Cecil, 2003). Baye babone

sengathi ukukhuluma nengane esencane engazi lutho akusho lutho, ngoba ingane ayizwa

lutho. Kodwa-ke ucwaningo luyakuveza ukuthi ukukhuluma komzali nengane encane

(infant) kuvumela ingqondo yengane ukuba ikwazi ukubamba amagama aphinyiswayo

ahlale engqondweni yengane, lokhu kunikeze ingane ulwazi namakhono okufunda

nokuqondisisa kusukela izelwe (caliteracy.org, 2008). Ngakho-ke kubalulekile ukuthi

abazali baqonde ukuthi lapho kuthiwa ingane ifunda ukufunda okubhaliwe, akuchazwa

khona ukuthi ifunda nje yingoba ikwazi ukubona kahle emehlweni noma yingoba

ingenankinga yokuzwa ngezindlebe. Isibonelo, abantwana abayizithulu bayakwazi

ukufunda ulimi noma ngabe bengakwazi ukuzwa lutho olukhulunywa ngabazali babo

ngezindlebe uma bekhuluma nabo ngesikhathi besebancane (Moodley, Storbeck &

Dhana, 2009).

Kufanele kugcizelelwe ukuthi lapho kugqugquzelwa ukufunda okucathulayo, akusibo nje

othisha okumele balekelele izingane ekutheni zithuthuke ekwazini ukufunda nokubhala,

kodwa abazali nababheki bazo nabo baneqhaza elikhulu ekufundiseni izingane, ngokuba

bajwayele ukukhuluma nazo. Abacwaningi bayavumelana ngokuthi ezinye zezindlela

zokulekelela izingane ukuba zifunde ukufunda nokubhala, ukuba kugqugquzelwe abazali

ukuba babize amagama ezinto, ngisho ezinganeni ezincane, eziyizinsana (infants) ngoba

lokhu kusiza ngokuthi ingane ifunde ulimi. Ngaphandle kokukhuluma, ngisho umculo

lapho izingane ezisencane ziculelwa, lokhu kuyasiza ekubeni zifunde ulimi, zizwe

nemisindo esetshenziswa olimini. Lokhu akusho-ke ukuthi umzali sekufanele athathe

ingane ayibeke phambi kukamabonwakude bese ecabanga ukuthi lokhu kungamela

umsebenzi wakhe njengomzali, kuthathe isikhundla sezwi lakhe. Lokhu kungenxa

yokuthi ubudlelwano obutholakala ngokubukana ngamehlo kanye nobuso nje kumzali

nengane, kungeke kwanikezwa ngumabonwakude.

130

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!