26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

inhlolokhono isenziwa ngaso isiNgisi, yize umthethosisekelo unikeza zonke izilimi eziyi-

11 zaseNingizimu Afrika amandla alinganayo. Lezo zilimi yilezi ezilandelayo: isiXhosa,

isiZulu, isiSwazi, isiSuthu, isiPedi, isiNdebele, isiTswana, isiTsonga, isiVenda, isiNgisi,

kanye nesiBhunu. Ngakho-ke, ngenxa yokuthi lezi zilimi eziyi-11 zase Ningizimu Afrika

zithathwa njengezibalulekile ngokulingana, kubalulekile ukuthi zaziwe futhi zifundwe

ngabafundi ezikoleni ngendlela eyiyo ukuze zithuthuke.

Bakhona nabacwaningi abayibheke ngeso lokhozi indaba yokulinganiswa kwezilimi,

ngenxa yokuthi kubonakala kunokudembesela ekwenzeni lokho okukhulunywayo

ngezilimi, kodwa kube kungenzeki (Kamwangamalu, 2000; Ndimande, 2004;

Ndimande-Hlongwa, 2008; Kaschula, 2004), nakuba kunzima ukuqhamuka nesixazululo

esisheshayo njengoba namanje izilimi zabansundu zisetshenziswa budedengu

ezikhungweni ezahlukene kanye nasemiphakathini. Isibonelo, umabonwakude

nemisakazo kanye namaphephandaba alapha eNingizimu Afrika analo iqhaza alibambile

ekuthunazeni ulimi lwesiZulu. Lapho ufica kusetshenziswa ulimi lwesiZulu ngendlela

engeyiyo, kodwa kungabi khona muntu obona inkinga kulokho, maqede kuthakaselwe

ngumphakathi lokho konakala kolimi, uzwe nabantu sebelusebenzisa ulimi ngendlela lezi

zikhungo ezilusebenzisa ngayo, bebe abantu bazi kamhlophe ukuthi kumele ngabe

lusebenziseke kanjani. Ngingabala amagama nje ambalwa anjengalana: eMzansi Afrika

(esikhundleni sokuthi eNingizimu Afrika, njengoba lokhu kuyisiXhosa), ‘i-gate’

esikhundleni sokuthi isango, ‘ama-twins’ esikhundleni sokuthi amawele, namanye

amaningi.

Ngamanye amazwi kubalulekile-ke ukuthi ukufundiswa kwalezi zilimi kubhekelelwe

ukuze abafundi bazazi kahle futhi bakwazi ukusebenzisa amakhono abawazuzile

ekufundeni lezi zilimi. Nakuba-ke ziningi izinguquko esezenzekile kwezeMfundo,

bekungakabonakali mehluko noma umthelela wakho ekuthuthukiseni amazinga abafundi

kuzo zonke lezi zilimi ekukwazini ukufunda okubhaliwe kanye nokubhala, ikakhulukazi

ukufunda umbhalo okuyikhona kuyisisekelo semfundo. Lapho abafundi sebethuthukile

emakhonweni okukwazi ukufunda, bayahloma ngokwempilo; bakuqonde kahle

nokubhaliwe. Ngaphandle kwalokho, ucwaningo luyaveza ukuthi amakhono umfundi

28

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!