26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

L: Ingwezi.

T: Yini leyo? Elinye?

L: Ingwemabala.

T: INgwemabala yigama lesikole. Libhalwa kanjani?

L: Siqala ngosonhlamvukazi ngoba igama lesikole.

T: Elinye futhi?

L: Engwavuma.

T: Konje kukuphi eNgwavuma? Yindawo, ingakuphi leyo ndawo ?

L:IseGoli.

L2: Ingapha.

T: (Uyahleka) Kukuphi ngapha? Le ndawo ingapha kwaZulu, eNyakatho nekwaZulu.

Siyezwana?

L: Yes teacher.

T: Elinye?

L: Ingwazi.

T: Yini ingwazi?

L: Umuntu ogwazayo.

T: Hawu (ehleka)! Ngumuntu ogwazayo ingwazi? Yini ingwazi?

L: (Ayikho impendulo).

T: Umuntu owenza kahle kuthiwa yingwazi, umuntu oyisihlabani. Kukhona futhi negama

lesikole okuthiwa kuseNgwekazi. Libhalwa kanjani leli gama?

L: Siqala ngosonhlamvukazi.

T: Yebo siqala ngosohlamvukazi ngoba igama lesikole...

Yaqhubeka ibanga elide le nkulumompendulwano, iqhubeka ngendlela efanayo nevezwe

ngenhla. Kodwa lapha ngiveze isithombe sokwakwenzeka ukuze kungaze kugcwale

ikhasi ngikhombisa into efanayo. Amagama ayenikezwa ngabafundi, uthisha wawabhala

ebhodini aba wuhlu, lapho eseqedile ukubhala uhlu lwala magama, bawafunda

ngokuwaphindaphinda. Lokhu kukhombisa ukuthi abakufundayo akusukeli embhalweni

ofundwayo (in context). Lokhu akuyikhuthazi ingane ukuba isebenzise amakhono ayo

okucabanga, izame ukuzakhela isithombe sokwenzekayo embhalweni, njengoba befunda

amagama njengohlu kodwa engekho embhalweni. Lokhu akuhambisani nokugcizelelwa

ngabacwaningi abaningi, abaveza ukuthi ukufunda okubhaliwe kufanele kube

sembhalweni ofundwayo ukuze izingane zizosebenzisa amakhono okucabanga, ziqagele

okuzokwenzeka embhalweni eziwufundayo, kuthi ekugcineni zikuqinisekise noma

ziziphikise kulokho ebezikuqagelile kumbe ebezicabange ukuthi kuzokwenzeka (Joubert

et al, 2008; DoE, 2008c; Bharuthram, 2006; Block & Israel, 2005; Duke & Martin, 2008;

Duffy, 2009; Levy, 2009; Pardo, 2004).

235

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!