26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

The main thing is to be kept the main thing…explaining skills and strategies

is not the main thing in teaching reading. The main thing is to inspire

students to be readers… (p. 3)

La mazwi acashunwe ngenhla, akhombisa khona ukuthi into emqoka ukuba izingane

zikhuthazwe ukuba zikwazi ukufunda okubhaliwe futhi zikuthande, zibe ngabafundi

bemibhalo abasezingeni eliphezulu. Ngaleyo ndlela lapho izingane sezikwazi ukufunda

okubhaliwe, zingaphumelela emfundweni yazo esikoleni ngoba ukufunda kwazo kuncike

kakhulu ekutheni zithuthuke emakhonweni okufunda okubhaliwe.

1.10 UMLANDO OMFUSHANE WOLIMI LWESIZULU NOKUKHULA

KWASO ENINGIZIMU AFRIKA

IsiZulu singezinye zezilimi zaseningizimu yezwekazi lase-Afrika. Lukhulunywa

ngabantu iningi labo abangamaZulu ababalelwa ezigidini eziyishumi abahlala

eNingizimu Afrika. IsiZulu yilona limi olukhulunywa kakhulu kunazo zonke izilimi

zabaMnyama baseNingizimu Afrika (babalelwa kumaphesenti angama-24

abasikhulumayo), kanti futhi ucwaningo luyaveza ukuthi babalelwa kumamaphesenti

angama-50 abantu baseNingizimu Afrika abaluqondayo lolu limi (Ethnologue:

Languages of the World, 2005).

Kanti olunye ucwaningo luveza ukuthi isiZulu yilona lulimi olunabantu abaningi

okwedlula zonke ezinye izilimi, njengoba ngonyaka wezi-2003, kwatholakala ukuthi

amaphesenti angama-23 akhuluma isiZulu njengolimi lwasekhaya (Statistics South

Afrika, 2003). Lesi yisibalo esikhulu njengoba izilimi sezizonke ezisemthethweni

zilishumi nanye eNingizimu Afrika. Lolu limi lwaba ngolunye lwezilimi

ezisemthethweni ngonyaka we-1994 ngesikhathi sokuphela kukahulumeni wobandlululo.

Njengezinye izilimi zabaMnyama, isiZulu sibhalwa sisebenzise izinhlamvu zesiLathini.

Lolu limi lwesiZulu lukhulunywa kakhulu esifundazweni sakwaZulu-Natali. Babalelwa

kumaphesenti angama-81 abantu abakhuluma isiZulu njengolimi lwasekhaya kulesi

sifundazwe, bangamaphesenti angama-26 eMpumalanga, kanti eGauteng

23

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!