26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

2.3.7 UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWE-SOCIOCOGNITIVE THEORY

Ngokwe-socio-cognitive theory kaGee (2004), ukufunda okubhaliwe kuyinto eyenzeka

lapho kwakhiwa khona umqondo okuyiwona osenza sikwazi ukwakha isithombe

ngamehlo engqondo, esinamagama amasha, izidalwa (creatures) kanye nabalingiswa

(Ruddell & Unrau, 2004, p.1462). UGee (2004) uphawula ngokuthi “reading is a

sociocognitive phenomenon”. Ngamanye amazwi ukufunda kuhlanganisa imisebenzi

yokuphathelene nengqondo (cognition), ulimi, okwenzeka emphakathini, umphakathi,

kanye nenqubo yasemphakathini (p. 116). UBloom (1993) uchaza ukufunda okubhaliwe

njenge-sociocognitive process, okusho ukuthi ukufunda umbhalo kuhlanganisa kokubili;

okwenziwa emphakathini kanye nokuphathelene nokusebenza kwengqondo (social and

cognitive processes). Nakuba kunjalo, kodwa lokhu akusho ukuthi ama-social and

cognitive factors awanamthelela kokwenzeka lapho umuntu efunda umbhalo, kodwa

ukuthi ukufunda qobo lwakho kuyinto eyenzeka ngokuhlangana kokucatshangwayo

(cognitive processes), kanye nezinto ezenzeka emphakathini (Bloom, p. 104). Ngamanye

amazwi, leli gama alisho nje kuphela ukuhlangana kwezinto ezehlukene; okuyi -social

nama-cognitive processes, kodwa lisho imbumba yokwenzeka kanyekanye

ngokuhlangana, okusukela kokwenzeka emphakathini nokuphathelene nengqondo

(cognitive).

URuddell beno-Unrau (2004) bathi ukufunda okubhaliwe kusho indawo lapho kwenzeka

khona ukwakhiwa komqondo wokubhaliwe, okuyindawo ehlanganisa umfundi

wombhalo, umbhalo kanye nekilasi lapho kwenzeka khona ukufunda, kanye nothisha. (p.

1464). Ngamanye amazwi laba bacwaningi, umbhalo kanye nekilasi bakuthatha

njengento eyodwa, bese kuthi ezinye izingxenye zokufunda okubhaliwe kube nguthisha

kanye nalowo ofundayo. Umfundi wombhalo unokubili okubalulekile. Okokuqala,

yizimo eziphathelene nemizwa (affective conditions), okuhlanganisa izinto eziningi

ezifana nogqozi nothando lokufunda kuze kufike kulokho akwaziyo okwenzeka

emphakathini noma endaweni aphila kuyo, okuhlanganisa ama-sociocultural values

nezinkolelo anazo mayelana nokufunda umbhalo nokufunda kwakhe esikoleni.

Okwesibili izinto eziphathelene nengqondo, zihlanganisa ulwazi umfundi avele enalo

65

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!