26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kule misebenzi emine engenhla, emibili ikhombisa ngokucacile ukuthi ikhona inkinga

ngokufunda okubhaliwe kubafundi abasemabangeni aphansi. Nakuba bekhona abenza

kahle ekubhaleni isibizelo, kodwa ukubhala isibizelo akusikhona okuyinjongo yokufunda

okubhaliwe, kakhulukazi emabangeni aphansi. Ngike ngachaza phambilini ukuthi

okuyiyona nhloso yokufunda okubhaliwe ukuba abantwana bafundiswe ukufunda

ngokukuqondisisa abakufundayo embhalweni, nokuthi babe nothando lokufunda

besebancane. Le misebenzi engenhla, iveza ubufakazi bokuthi uma abantwana

befundiswa ukufunda okubhaliwe, bahlolwa ngokuthi babhaliswe isibizelo, okuyinto

ezochazwa endikimbeni ephathelene nokuhlola abafundi esahlukweni esilandelayo.

Ngamanye amazwi, lokhu kufakazela khona ukuthi lapho abantwana befundiswa

ukufunda okubhaliwe, bafundiswa ukuze bakwazi ukubhala amagama, imisho, bakwazi

ukubona noma ukuhlonza amagama kunokuthi bahlonyiswe ngamakhono okufunda

okubhaliwe ngokuqondisisa futhi bakuthokozele ukufunda imibhalo.

Kwakumangaza ukuthi esikoleni iMbalenhle lapho izingane sezihlolwa-ke ngokubhala

isibizelo zingasasiboni, ezinye zazo zazehluleka ukusibhala. Lawo magama ayesuke

efundwa iviki lonke ezinye zazehluleka zingatholi nelilodwa, ezinye zazithola amabili

kuphela kwayishumi, kanti ezinye zazikwazi ukuwathola onke amagama abiziwe. Lokhu

kwenza ukuba umcwaningi adinge izincazelo zokuthi kwakungani kuthi izingane zithi

kade zifunda iviki lonke into eyodwa, zijike zehluleke ukuthola amagama ayisibizelo

ngosuku lwangoLwesihlanu lwesibizelo. Kuyamangalisa ukuthi naso isibizelo lesi

eziqeqeshwa ukuthi zikwazi ukusibhala, akusizo zonke ezikwenza ngempumelelo.

Ziningi ezihlulekayo ukubhala amagama ngendlela abhalwa ngayo.

6.2.2 KWAKWENZEKANI ESIKOLENI IGOLIDE EBANGENI LESIBILI?

6.2.2.1 NGOMSOMBULUKO

Njengoba ngike ngachaza ukuthi kule ndikimba yokuqala, ngizoveza okwakwenzeka

kulezi zikole zombili ngokwehlukana, bese ngixoxa ngokukuhlanganisa okwatholakala

kuzo zombili lezi zikole kwezinye izindikimba, kulesi sigaba ngizoxoxa

215

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!