26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Uma uthi abawa picke ngeke ube nayo i-sure yokuthi uyifundile indaba ngoba

angabukela nakumngani wakhe, kanti kubalulekile ukuthi afunde indaba.

Ngisho angaba i-16 amagama, kumele alandelana ngaleyo ndlela. They

associate ukubhala nokufunda...kumele kuhambisane. Hey abantwana

abancane ba-good ekukhremeni, ungaze ungakhohlwa umfundi esekwazi

ukufunda kanti lutho, kuphela nje useze wajwayela ngesikhathi indaba

ifundwa iphindwaphindwa. Ngamanye amazwi angaze ayicule, ungakhohlwa

wena esekwazi ukufunda kanti lutho. Kubalulekile-ke futhi ukuthi afunde into

aphinde akwazi nokuyibhala nje, ngamanye amazwi uyam-trainer nje

okuyinto ebalulekile kakhulu.

Le nkulumo kathisha uMbali iyakhombisa ukuthi uyaqonda ngobudlelwane

obusekufundeni okubhaliwe nokubhala. Lokhu kuyahambisana nokushiwo

ngabacwaningi abaningi ababheka ukufunda umbhalo nokubhala ukuthi kokubili lezi

zinto, kumele kuhambisane ngoba umbhalo ofundwayo ngaso sonke isikhathi

uhambisana nokubhala (Commeyras, 2009, Grellet, 1992). Yingakho nje uCommeyras

(2009) ethi ukufunda kuyilokhu okuyikho nje ngenxa yokubhala, kanjalo nokubhala

kuyilokhu okuyikhona nje ngenxa yokufunda. Ubuye aqhubeke uCommeyras athi

ukubhala nokufunda kuyizelamani, ngenxa yokuthi lapho sibhala, sibhala ukuze kube

khona ozofunda lokho esikubhalayo. Nokho-ke lokhu akwanele uma ukufunda

okubhaliwe kugxile emisindweni nasemagameni.

5.2.3.2.2 UKUSETSHENZISWA KOMDLALO

Ezingxoxw eni othisha baveza ukuthi baye benze izingane zidlale zibe zifunda njengesu

lokufundisa ukufunda okubhaliwe. Bachaza ukuthi bakwenza lokhu nje ngoba

kubalulekile ezinganeni nokuyinto abacwaningi abayigcizelelayo (Excell & Linington,

2009). Lapho bebuzwa ukuthi bakwenzelani lokhu, bayachaza ukuthi baye bakwenze

ngoba nabo baye bakuthole kulusizo. Bachaza ukuthi baye benze umqhudelwano

wamaqembu ekilasini, bahlukanise abafundi kabili, kube abafana bodwa, baqhudelane

namantombazane. Ngesikhathi benza lo mqhudelwano kungaba ngumdlalo wamagama.

Isibonelo, umfundi angatomula igama engalibonanga ukuthi lithini, qede alifundele

ikilasi lonke. Lapho egejile iqembu lilahlekelwa ngamaphuzu kumbe yiphuzu elilodwa,

kuye ngothisha ukuthi ukuhlele kanjani lokhu. Uthisha uZandile uthi:

175

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!