26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ukuthi uthisha wenzenjani lapho eqala ethula isifundo esisha kubantwana, sikhule, kuze

kufike lapho esebahlola khona ngoLwesihlanu. Lokhu wakwenza ngenxa yokuthi

ngesikhathi sezingxoxo, okuyinto eyenzeka ngaphambi kokuba ayobabuka befundisa,

kwavela ukuthi isonto nesonto kwethulwa isifundo esisha, esizofundwa lonke lelo sonto,

futhi usuku nosuku sikhule kuze kufike ngoLwesihlanu. NgoLwesihlanu kulapho

sebehlolwa khona abafundi ngoku ba babhale isipelingi (abebanga lesibili) nokubhala

isipelingi, imisho kuphendulwe nemibuzo (abebanga lesithathu), okungulwazi olwaluvele

ngesikhathi sezingxoxo nothisha.

Lokhu kwanika umcwaningi isithombe esikhanyayo mayelana nokufundiswa kokufunda

umbhalo kula mabanga. Ngale kwalokho, wakwazi ukuthola incazelo ngabakwenzayo

othisha, njengokuthi nje bakwenzelani ukuqalisa isifundo esisha njalo ekuqaleni kweviki

baze bahlole abantwana ekupheleni kweviki, kanye nezindlela namasu abawasebenzisayo

lapho befundisa ukufunda okubhaliwe. Ngale ndlela umcwaningi wafunda ukuthi imihla

ngemihla kulezi zikole ezazibambe iqhaza ocwaningweni abafundi bala mabanga

bafundiswa kanjani futhi yiluphi ulwazi abalutholayo kothisha babo ukubalekelela ukuba

bathuthuke ekufundeni umbhalo.

3.2.3 UCWANINGO LWESIMO (CASE STUDY)

Lolu wucwaningo lwesimo (case study), kanti futhi lugxile ezikoleni ezimbili, kanti

isimo esasicwaningwa siyafana kuzo zombili lezi zikole, njengoba kuzo zombili

kwakucwaningwa ngento efanayo, ukufundiswa kokufunda okubhaliwe. Isizathu

sokwenza lolu cwaningo ezikoleni zombili kungenxa yokuthi esinye salezi zikole

(iMbalenhle, okuyigama okungesilo elangempela) kwakucatshangwa ukuthi kungenzeka

kube khona umehluko kokwenzeka ngaphakathi lapho kufundiswa, okuhlanganisa

nokutholakala kwezinsizakufundisa zokufunda okubhaliwe. Lokhu kwakungenxa yokuthi

isikole iMbalenhle singena ngaphansi kohlelo lwezikole luka-section 21, okungukuthi

yisikole esizilawulayo ekusetshenzisweni kwezimali, kanti lesi esinye, iGolide, singena

ngaphansi kohlelo lwezikole luka-section 20, okungukuthi sona asizilawuli

ngokusetshenziswa kwezimali. Lokhu kwenza umcwaningi acabange ngomthelela ongase

wenziwe yilo mehluko kulezi zikole. Omabili amagama ezikole iMbalenhle neGolide

93

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!