26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2.7 IKILASI LOKUFUNDELA NJENGENDAWO EBALULEKILE

EKUFUNDENI UKUFUNDA OKUBHALIWE

UDenise Young (2002) uthi ikilasi yikhaya elikude nekhaya lengane. Ukusho lokhu

uYoung ngoba echaza ukuthi ikilasi akudingi ukuba kube yindawo eyesabekayo

enganeni, ikakhulukazi esencane. Kodwa kunalokho ingane kumele ikujabulele ukuba

sekilasini. Ezinye zezinto ezenza ikilasi likulungele ukufunda ukuba umoya osekilasini

ube mtoti phakathi kukathisha nabafundi, phakathi kwabafundi bebodwa, kuvunguze

umoya wothando nokunakekela, njalonjalo (Young, 2002; Kumar, 2007). Ngaphandle

kwalokhu, laba bacwaningi babuye bachaze ukuthi ikilasi phela uma lifana nekhaya

kudingeka libe lihle, lingabi nezimpahla eziyimfucuza njengefenisha engasebenzi,

ukukhanya kungene kahle, lifudumale lapho kumakhaza, liphole kamnandi lapho

kushisa, njalonjalo. Kanti noJoubert nabanye (2008, p. 112) bababeka ukuthi ekilasini

kumele kube nekhona elinezinto zokufunda, okumele lihehe abafundi ukuba baye kulo

bazifundele noma yiyiphi incwadi, iphephandaba, iphephabhuku, ukhaphethi wokuhlala

abafundi lapho befunda ekhoneni lokufunda, umqamelo wokuhlala, nokunye okuningi.

2.8 IZINKOLELO NOKUFUNDISWA KOKUBHALIWE (BELIEFS AND THE

TEACHING OF READING)

Izinkolelo ngezinye zezinto ezenza othisha babambelele kulokho abakholelwa yikho.

Izinkolelo othisha abanazo zinomthelela kwabakwenzayo ekilasini, okungahlanganisa

izindlela namasu okufundisa, izinjulalwazi abazisebenzisayo, indlela abahlela ngayo

umsebenzi wabo, nokunye (Pajares, 1992; William & Burden, 1997; Farrell, 2005, Chou,

2008; Nkosi, 2010; Nkosi & Mbatha, 2009). Lokhu kuveza umqondo wokuthi uma lezo

zinkolelo kungezilusizo, ziba nomthelela omuhle kwabakwenzayo othisha lapho

befundisa izingane. Kanti lapho lezo zinkolelo zingenalusizo, zingadala inkinga ekutheni

kuthi nalapho sekukhona isidingo sokuthi basuke kuzo, kodwa kube lukhuni

ukwenzenjalo. UPardo (2004) uqinisekisa ukuthi lapho othisha bekuqonda kahle okumele

kwenzeke lapho befundisa ukufunda okubhaliwe, bangazifundisa kahle kakhulu izingane

ukuba zikwazi ukubhala nokufunda okubhaliwe (p. 272). Lokhu kungenxa yokuthi

83

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!