26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngalokhu ocwaningwayo akushilo, azame ukumenza akushoyo kucace (Sjostrom &

Dahlgren, 2002). Lokhu kwenzeka ngempumelelo njengoba umcwaningi wayazi ukuthi

yiziphi izinto ezingase zenze umhlanganyeli wocwaningo angakhululeki adikibale

ekunikezeni ulwazi. Ngaphandle kwalokhu, umcwaningi wayeqonda kahle ukuthi

akumele afunze umhlanganyeli wocwaningo amazwi, kodwa ayekusho umhlanganyeli

wocwaningo wayekusho ngoba kusuka emqondweni wakhe. Kodwa lapho umcwaningi

ayebona khona ukuthi umhlanganyeli wocwaningo wayehambela kude nempendulo,

wayezama ukumenza aphendule umbuzo ngendlela ezonikeza ulwazi oludingekayo.

Ngamanye amazwi, lolu hlobo lwenhlololwazi lugxila kocwaningwayo, lufune ukuveza

akholelwa kukho, akuthandayo nangakuthandi, akuthatha njengeqiniso, akwenzayo,

imizwa kanye nokwake kwamehlela noma avama ukukwenza mayelana naleso simo

esicwaningwayo (Barnard et al, 1999; Bernard, 1999; Ornek, 2008, Locke et al, 2007).

Ngale ndlela, umcwaningi waqikelela uhlobo lwemibuzo ayezoyibuza ukuthi

yayizwakala kahle yini futhi kulula ukuyiqonda, ukuze akwazi ukuthola ulwazi ngendlela

egculisayo. Lokhu kwalekelelwa nayisivivinyo socwaningo esaveza ukuthi imibuzo

umcwaningi

lwangempela.

ayeyilungisile yayizozwakala kanjani kubahlanganyeli bocwaningo

3.3.2 UKUBUKA OTHISHA BEFUNDISA (OBSERVATION OF LESSONS)

Ukubuka okwenziwa ngabacwaningwayo (observations) ngenye yezindlela ezihlelekile

zokuthola ulwazi locwaningo. Umcwaningi uye abheke indlela abacwaningwayo abenza

ngayo izinto, abuke ukwenzeka kwezinto, ngaphandle kokuba aze abuze umbuzo noma

axoxe nabacwaningwayo mayelana nabakwenzayo (Nieuwenhuis, 2008, p. 83-84).

Njengendlela yokuqoqa ulwazi ocwaningweni lobunjalo botho (qualitative research),

ukubuka okwenziwa ngabahlanganyeli bocwaningo kunikeza umcwaningi ulwazi

nokuqonda okujulile mayelana nalokho okucwaningwayo; njengoba umcwaningi usuke

ekubuka kwenzeka (Nieuwenhuis, 2008, p. 84). Ukubukela okwenziwa

ngabacwaningwayo kusivumela ukuba sikwazi ukubona, ukulalela, kanye nokuqonda

isimo njengalokhu abacwaningwayo besiqonda (84). Kulolu cwaningo, ngazibonela

100

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!