26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Nangale kwalokho, abantwana abafundiswayo abafani, yilowo nalowo wehlukile

komunye. Lokhu kungasho ukuthi kukhona okungathi lapho usebenzisa indlela ethile

ekubafundiseni, ibe yimpumelelo koyisebenzisayo, kodwa enye ingane kumbe iqembu

elithile lezingane zingahluka, ngakho bese kusho ukuthi ayikwazi ukusebenziseka

ngempumelelo kuzo. Kungagcizelelwa ukuthi njengoba ziziningi kangaka izindlela

zokufundisa ukufunda okubhaliwe, kodwa ayikho nayinye indlela okungathiwa

yiyonayona esebenziseka ngempumelelo kumbe engcono kunezinye. Isizathu salokhu

ukuthi uthisha nothisha wehlukile komunye, kanjalo ingane nengane yehlukile kwezinye

izingane. Ngakho-ke lokhu kusho ukuthi okusemqoka ukuthi indlela ethile isetshenziswa

ngubani, kubani, kanjani. Kusemqoka ukuba kugcizelelwe ukuthi ikhono likathisha

yilona elisemqoka ekwenzeni ukufunda kube yimpumelelo. Ngezansi ngezinye zezindlela

ezisetshenziswa ngothisha ukufundisa ukufunda okubhaliwe emabangeni aphansi.

2.4.1 INDLELA YOKUFUNDISA IZINHLAMVU (ALPHABET METHOD)

Le ndlela indala kakhulu kodwa nanamuhla othisha basayisebenzisa. Ngale ndlela,

abantwana bafundiswa izinhlamvu (letters) ngaphambi koku ba baqhubekele ekufundeni

umbhalo. Iseyake yagxekwa ngabacwaningi abaningi ngokuthi ichitha isikhathi,

nanokubukeka ingenangqondo ngenxa yokuthi kuthatha isikhathi eside kuthisha ukuba

afundise izinhlamvu ngalunye ngalunye, phambi kokuba adlulele ekufundeni umbhalo

(Joubert et al, 2008, p. 39). Lokhu kwenza ukuba ingane esafunda ukufunda okubhaliwe,

kuthathe isikhathi eside ifundiswa nangemigomo yokubhala noma ukufunda okubhaliwe.

2.4.2 INDLELA YOKUFUNDISA NGEMISINDO (PHONIC APPROACH)

Lena yindlela yokufundisa ngemisindo ekade yaba khona. Le ndlela igxila empinyisweni

yemisindo (phonetics), kanti futhi ibuye ibizwe ngokuthi yindlela yokufundisa ulwazi

lwezinguquko zemisindo (phonology) noma yokufundisa imisindo (Joubert et al, 2008, p.

89). Le ndlela ixhumanisa okuzwakala ngendlebe kanye nalokho okubonakala ngamehlo,

ayigxilile kuphela ekuphinyisweni kwemisindo njengasemagameni akhulunywayo,

69

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!