26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

7.2.1.3 OKWAKWENZEKA ESIKOLENI IGOLIDE

Wayeyedwa uthisha owayeyingxenye yocwaningo ebangeni lesithathu kulesi sikole,

njengakhona ebangeni lesibili. Nakhona lapha izifundo zazihlelwe zenaba nesonto lonke,

njengoba wayechazile uthisha ukuthi uwuhlela kanjani umsebenzi wesonto lonke.

Ngezansi kuzokwethulwa okwakwenzeka ngesikhathi uthisha uNtombifuthi efundisa

ibanga lesithathu usuku nosuku.

7.2.1.3.1 NGOMSOMBULUKO

Kwatholakala umehluko lapho umcwaningi ebuka uthisha uNtombifuthi wasesikoleni

iGolide efundisa ukufunda okubhaliwe ebangeni lesithathu njengoba ayekwenzeka

kwakungafani nokwenza kothisha basesikoleni iMbalenhle. Uthisha waseGolide

wayengagxilile emsindweni owodwa nakuba wayeyifundisa imisindo. Lwalungekho

uhlamvu kumbe umsindo owawugqamile noma okwakugxilwe kuwo ebangeni lesithathu.

Lokhu kwakwenzeka uma igama elisendabeni abazoyifunda linemisindo ethile uthisha

afuna ukuyigcizelela. Uthisha uNtombifuthi wayefundisa ukufunda okubhaliwe

ngezindaba. Wayebaxoxela indaba abazoyifunda kwesinye isikhathi. Wayebuye

abafundele futhi indaba ngaphambi kokuthi bayifunde bona ngokwabo. Izindaba lezo

zazisencwadini eyayifundwa yiwo wonke umfundi ekilasini, futhi zazinezithombe

ezinemibala egqamile, zibhalwe ngamagama amakhulu. Incwadi leyo yezindaba

kwakuyiyona ncwadi eyayifundwa ebangeni lesithathu, zazingekho ezinye ekilasini.

Lokhu kwenza kukathisha uNtombifuthi kukhombisa ukuthi unalo ulwazi lokuthi

amakhono olimi kumele abe nobudlelwano ukuze ingane ithuthuke ekufundeni ulimi,

njengoba lapha wayenza ubudlelwano nekhono lokulalela, njengoba abafundi babelalela

ngesikhathi exoxa indaba nalapho ebafundela belalele. Nokho-ke kwaqapheleka ukuthi

nanxa wayexhumanisa ikhono lokulalela nelokufunda okubhaliwe, kodwa wayengalinaki

ikhono lokukhuluma nelokubhala uma efundisa izindaba. Isibonelo, wayenganiki

abafundi ithuba ukuba baxoxe indaba ngokwabo esondelene nendaba ababezoyifunda,

kumbe abenze bakhulume ngokusondelene nengqikithi yendaba ababezoyifunda, ukuze

kube nokuxhumana nekhono lokukhuluma. Kanjalo nekhono lokubhala, lalingenabo

245

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!