26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

10 kuya phezulu. Ngikusho lokhu ngoba ukuze izingane zizilolongele izivivinyo, kumele

zifunde imiqingo eminingi eyahlukene, bese lapho sezihlolwa, zibhale phansi

izimpendulo. Uma zingenawo amakhono okufunda okubhaliwe, zingeke zakwazi

ukubhala phansi izimpendulo ngendlela efanelekile. Lokhu-ke kungaba nomthelela

omubi ekuphumeleleni kwazo.

Ngokwemiphumela yebanga leshumi evela eMnyangweni WezeMfundo kusukela

ngonyaka wezi-2003, unyaka nonyaka iyehla imiphumela yebanga leshumi, kuze kufike

kweyangonyaka wezi-2009. Ukucacisa lokhu: Imiphumela yama kanje kule minyaka

eyisikhombisa edlule: ngowezi-2003:73,3%; ngowezi-2004:70,7%; ngowezi-

2005:68,3%; ngowezi-2006:66,6%; ngowezi-2007:65,2%; ngowezi-2008: 62,5%;

nangowezi-2009:60,7% (DoE, 2005; South African Government Information, 30

December 2009). Kanti kwaba ngokokuqala emva kwayo yonke le minyaka lapho

kwatholakala khona imiphumela yebanga leshumi ethuthukile ngonyaka wezi-2010,

nokuyinto abantu abaningi abakhononda ngayo, kunezinsolo zokuthi uMnyango

WezeMfundo kukhona owakwenza ukugqiba ihlazo ngesimo esibi semiphumela

yebanga yeshumi (Jansen, 2010). Lezi zinsolo zazibangelwa nawukuthi unyaka wezi-

2010 yiwona owawunezinxushunxushu eziningi okwedlula yonke lena ebaliwe

iminyaka. Lokhu kwakuyingoba kwaba nomqhudelwano wendebe yomhlaba webhola

lezinyawo okuyionto eyathatha inyanga yonke, kwaphinde kwaba nesiteleka sezisebenzi

zikahulumeni ezazikhononda ngamaholo aphansi. Othisha babeyingxenye yaso lesi

siteleka, kanti sathatha amasonto amathathu onke, nokuyinto eyayingakaze yenzeke

phambilini (Hoffmann & Macfarlane, 2010; Wilson, 2010).

Ngesikhathi u-Angie Motshekga onguNgqongqoshe WezeMfundo Yamabanga Aphansi

enza isimemezelo sakhe mayelana nemiphumela yebanga le-10 yangonyaka wezi-2009

ephalamende ePitoli, wabeka kanje: “I wish to state categorically that even though this

shift is marginal I am most unhappy with the decline in the national pass rate, that is why

we are disappointed”. U-Angie waqhubeka wathi: “The results continue to suggest that we

have not yet turned the corner in education...” (Hamlyn, 2010).

6

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!