26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

zinkolelo, ezinye ziyahambisana nemigomo ye-social constructivist theory. Lokhu

kwakuvela nasemaswini abawasebenzisayo ekufundiseni ukufunda okubhaliwe.

Luningi ucwaningo oluveza ukuthi amasu okufundisa kanye nawokufunda okubhaliwe

kusiza abantwana ekwenyuseni izinga lokufunda ngokuqondisisa lapho behlangabezana

nezinkinga ekufundeni okubhaliwe (Cheng, 2003; Lee, 1998; Yigiter, et al 2005; Yang,

2004; Chamot & El-dinary, 1999; Cohen 1998). Njengoba ngike ngachaza esahlukweni

sesibili, olunye ucwaningo oselwake lwenziwa lwalubheka amasu asetshenziswa

ngothisha ekufundiseni ukufunda okubhaliwe, kanti olunye lwalubheka ukusetshenziswa

kwamasu okufunda okubhaliwe ngabafundi (Sangmin, 2007; Bharuthram, 2006),

kwatholakala ukuthi ukufundisa okubhaliwe kudinga ukuthi uthisha abe namasu

nezindlela azisebenzisayo ukuze aphumelele ekufundiseni izingane. Ngakho-ke othisha

ngenxa yezinkolelo abanazo ngamasu abawasebenzisayo ekufundiseni okubhaliwe, baye

basebenzise lezo zindlela zokufundisa ukufunda okubhaliwe. UBlaine (2007) ufakaza

ngokuthi uma ukufunda kwengane esikoleni kuyimpumelelo ngendlela yokuthi ingane

nengane ikwazi ukufunda okubhaliwe kanye nokubhala, kanjalo nokubala; lokhu

kungaba nomphumela omuhle kakhulu lapho ingane iqhubeka nokufunda idlulela

ezikoleni zamabanga aphezulu, ngisho nasezikhungweni zemfundo ephakeme.

Ezinye izinkolelo othisha abanamathela kuzo yilezo ezisukela olwazini lwakudala,

okuyizindlela ababefundiswa ngazo bona beseyizingane njengoba sengike ngachaza

(Nkosi, 2010; Pajares, 1992; Pardo, 2004). Olunye yilolo asebelusebenzise isikhathi

eside, okunzima ukuba basuke kulo. Kulolu cwaningo kuyavela ukuthi othisha bafundisa

ngendlela yokufundisa imisindo ngenxa yokuthi bathembele olwazini lwakudala

ababefundiswa ngalo bona besakhula. Bakwenza lokhu besebenzisa indlela

yokuphindaphinda (drill method), banamathele emsindweni owodwa futhi kufundwe

amagama nemisho eyodwa kuze kuphele iviki. Ngenxa yalokhu kuphindaphinda into

eyodwa, lokhu kudala ukuthi ukuthuthuka kokufunda okubhaliwe kuhambe kancane

ezinganeni. Ngale ndlela lokhu kuyashayisana nenqubo yama-social constructivist,

eqikelela ukuthi ingane ithuthuke ekufundeni okubhaliwe ngokuthi kube yiyona ehamba

277

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!