26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

okwakungezabaMhlophe baye bakhononde ngokuthi isiZulu esifundwa yizingane zabo

kulezi zikole akusona isiZulu sempela, kodwa yisiZulu ‘sasemakhishini’ (South African

Language Rights Bulletin, p.14, August 2008).

Njengoba sengichazile ngenhla, baye babe novalo lokuthi, isiZulu kulezi zikole isikhathi

esiningi sifundiswa nayilabo abangasikhulumi njengolimi lokuqala. Isibonelo,

uNkosazane Ntombenhle Nkosi, owusihlalo webhodi lezilimi i-Pan South African

Language Board wake wasematheni ngonyaka wezi-2008 ngenxa yokumangalela isikole

saseThekwini. Wayekhononda njengomzali ngokuthi indodana yakhe eyayifunda kulesi

sikole ngonyaka wezi-2007 yabe ifunda ‘isiZulu sasemakhishini’, nokuthi isiZulu

sibukelwa phansi kulesi sikole, yingakho sifundiswa noma yikanjani. Lokhu kwaholela

ekutheni kushintshwe umgomo wolimi lwalesi sikole (South African Language Rights

Bulletin, p.14, August 2008).

1.12 IZINGUQUKO EZALETHWA YINKULULEKO KWEZEMFUNDO

EZILIMINI ZASENINGIZIMU AFRIKA

Inkululeko eyafika ngonyaka we-1994 eNingizimu Afrika yeza nezinguquko eziningi

ezimpilweni zabantu baseNingizimu Afrika. Izilimi nazo azisalanga emumva.

Ngezikhathi zobandlululo isiNgisi nesiBhunu yizona kuphela ezabe ziyizilimi

ezisemthethweni, lokhu nakho kwashintsha (The Constitution of the Republic of South

Africa, 1996, Act No. 104) njengoba ngemva kokutholakala kwenkululeko nalezi ezinye

izilimi zaboMdabu zaba semthethweni (Ndimande-Hlongwa, 2009, p. 77). Ngale ndlela

zanikwa ukuhlonipheka nesithunzi esasinikwe isiBhunu nesiNgisi; zathathwa

njengezilinganayo. Lokhu kwakungokokuqala

Ningizimu Afrika (Osborne, 2007).

ngqa emlandweni wezilimi zase

Nakuba-ke ‘kuyiculo’ ukuthi lezi zilimi ziyalingana, uma sibheka okwenzekayo ngazo,

okwamanje bezingakalinganiswa, njengoba kuyaphawuleka namanje ezintweni eziningi

ngisho nakuyo iminyango kahulumeni; isiNgisi namanje sisahamba phambili

ngokubaluleka. Isibonelo, namanje ezikoleni, emanyuvesi, ezinkampanini ezizimele,

27

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!