26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ndlela ye-look-and-say ingane ifunda igama eliphelele lapho ilithi nhla, kunokuba ifunde

uhlamvu nohlamvu lwegama noma lwemisindo. Ukufundisa igama eliphelele, uthisha

usebenzisa amagama asikiwe (flash cards) nezithombe ukumela igama elithile. Uthisha

angabiza igama aliphimise enzele ingane, kunokuba kube yiyo ingane esho lelo gama

isholo yena, bese uthisha ecela ingane ukuba ilibhale lelo gama. Ngaleyo ndlela lokhu

kulekelela ekutheni kwande isibalo samagama ingane ekwazi ukuwahlonza

nokuwaqonda, okusiza ekutheni ingane ikwazi ukulibona lelo gama. Imisho esikiwe

(sentence strips) iyasetshenziswa ukufunda imisho. Lokhu yinto ababeyenza othisha

nakuba babengashongo lutho ngakho ngesikhathi sezingxoxo. Ngamanye amazwi nakuba

ezinye izinto bezenza kodwa bazenza benganakile, bengazi ukuthi bayazenza, njengazo

nje lezi zindlela abazisebenzisayo. Nakuba lezi zindlela zizinhle futhi zibalulekile, kodwa

kungagcizelelwa ukuthi lezi zindlela zidinga ukuthi zisetshenziswe nezinye,

ekulekeleleni ingane ukuba ithuthuke ekufundeni ngokukuqonda ekufundayo.

Bonke othisha babezisebenzisa lezi zindlela ekufundiseni imisindo. Isibonelo, babegxila

empimisweni yemisindo, bafundise izingane ubudlelwane phakathi komsindo nophawu,

zikwazi ukuwubona umsindo, zakhe ngawo amagama nemisho emifushane, zikwazi

ukufunda igama elinemisindo esezivele ziyifundile kanye nalowo omusha owethulwe

ngalelo sonto, othisha besebenzise amagama asikiwe nezithombe.

Kwabonakala futhi ukuthi othisha bayaqonda namasu avama ukusetshenziswa nalezi

zindlela. Isibonelo, isu lokunamathelisa umsindo negama elithile, njengokuthi nje

umsindo u ‘g’ umsindo kagogo, umsindo u ‘hl’ umsindo wakhiwe umsindo wehawu

nomsindo welala, njalonjalo, lapho uthisha esebenzisa indlela yokufundisa imisindo,

kanti isu lokusebenzisa amagama nemisho esikiwe ekwakhiweni kwamagama nemisho

babekwenza. Ngaphandle kwalokhu, othisha babefundisa izingane ukuba zikwazi

ukucabanga ngamanye amagama anomsindo ofana nalowo okugxilwe kuwo. Lapho

izingane zinikeza lawo magama, othisha babewabhala ebhodini ukuze izingane zibone

ukuthi abhalwa kanjani, baphinde bazifundise lawo magama, ziwafunde

ziwaphindaphinde. Le ngxoxo engenhla, ikhombisa khona ukuthi othisha bagxila kakhulu

emisindweni, kunokuba badlulele phambili, kokuyiyona nhloso yokufunda okubhaliwe.

262

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!