26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

L: Ingwici.

T: Konje uma uphethwe ingwici wenze njani?

L: Uphuza amanzi.

T: Lithini leli, yes Thabo?

L: Ingwe.

T: Konje sithe inani ingwe emzimbeni?

L: Inamabala.

T: Yes inamabala.

T: Abaphakamise abanye, angaphakamisi oseke waphakamisa...

Kule nkulumo mpendulwano engenhla, kuyakhombisa ukuthi uthisha uZandile usagxile

kuwona umsindo ka ‘ngw’ futhi okusemqoka kulesi sifundo ukuba abafundi bazi

amagama analo msindo ka ‘ngw’. Emva kwalokhu uthisha wabe esekhipha amagama

asemaphepheni asikiwe, wacela abafundi ukuba banamathelise amagama asemaphepheni

asikiwe maqondana namagama afana nawo abhalwe ngoshoki ebhodini, okungamagama

ababekade bewafunda kusukela ngayizolo. Isibonelo, uthisha uZandile wathi:

Ok-ke izolo ngininike amagama ngathi hambani niyowafunda.Uzothatha-ke

manje igama elisephepheni ulibeke uliqondanise naleli elibhalwe ngoshoki,

ngamanye amazwi uzothatha elifana nalo. Ngizokhomba umuntu eze

ezosiqondanisela la magama. Phakamisa isandla. Uma eselifakile uzolifunda

bese nathi siyalifunda njengekilasi. Uma kusekhona ome la ngaphambili

asiphakamisi ngoba siyamphazamisa.

Emva kwalokhu uthisha wabe esediliza amagama asephepheni eshiya ambalwa, kanye

nalawo asebhodini abhalwe ngoshoki wabe esethi abakhe ngawo imisho ngoba base

bewazi ukuthi athini futhi achaza ukuthini. Nasi isibonelo semisho eyabhalwa abafundi:

Fig. 18 Imisho eyayifundwa

Imisho

1. Ingwenya ngiyayesaba.

2. Ingwenya ihlala emanzini

3. Esangweni kukhona ingidi

4. Ingwe idla ngamabala

5. Umkhulu unengwevu ekhanda

6. Ingane iphethwe ingwici

238

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!