26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kwaqapheleka ukuthi othisha abaningi babechaza ukuthi ngalelo nalelo sonto uthisha

ofundisa ukufunda okubhaliwe ugxila emsindweni owodwa okuyiwona ogqamayo

emagameni noma emishweni nasendabeni efundwayo. Lokhu yinto eyenzeka ebangeni

lokuqala, lesibili nelesithathu. Lowo msindo oluhlamvu olungungwaqa usebenza kanye

nonkamisa ngaso sonke isikhathi njengoba esiZulwini ongwaqa behambisana nonkamisa.

Ngalesi sikhathi uthisha uyagcizelela ukuthi lowo nalowo msindo owuhlamvu

olungungwaqa ungebe namqondo uma usebenza uwodwa kodwa kudingeka kube

nonkamisa eduze kwakhe ukuze lowo msindo ube ngonomqondo futhi ofundekayo.

Ngamanye amazwi konke lokhu kugcizelela khona ukuthi ukufundisa ukufunda

okubhaliwe kugxila kuyo imisindo emabangeni aphansi, nakuba bebuye bafundiswe

imisho emifushane. Isibonelo, umusho ungaba namagama amabili, amathathu kumbe

amane. Lokhu kungenxa yokuthi umfundi angeke akwazi ukufunda igama eliphelele

noma umusho ophelele uma engakwazi ukufunda imisindo ngayodwana. Ngaleyo ndlela

othisha baye babafundise imisho uma sebeqale ngayo imisindo beyifunda kanye

nonkamisa babuye bayifunde emagameni aphelele. Ngaleyo ndlela iviki neviki sikhona

isikhathi sokufundwa kwemisho, njengoba sengike ngachaza phambilini.

Ulwazi abalunikezayo othisha lwalungenayo imininingwane ngokuthi yimisho enjani

abayaye bayifundise futhi bayifundisa kanjani. Lokhu kuyatholakala nakuyo le nkulumo

ecashunwe ngenhla kathisha uNtombifuthi lapho echaza ukuthi ukufundisa okubhaliwe

kuyini futhi ukufundisa kanjani. Okuyinto evela kakhulu emazwini othisha abaningi,

yikho ukuthi ukufundisa okubhaliwe kusho ukufundisa imisindo, ufundise ukwakha

amagama, imisho uphinde ufundise indaba enemisho emifushane oyakhile njengothisha.

Konke lokhu kumele kugqamise umsindo okusuke kugxilwe kuwo ngalelo nalelo sonto.

Esikoleni iMbalenhle kwavela ukuthi izindaba othisha bazifundisa ngemumva kokuphela

kwesigaba sesibili sonyaka. Ngamanye amazwi izindaba ezisezincwadini abazifundisi

ekilasini kusukela kuqale unyaka kuze kube kuphele isigamu sokuqala sonyaka.

Ngamanye amazwi baqala ukufundisa izindaba ekilasini ngesigaba sesithathu sonyaka

(third term). Okumangalisayo ukuthi kungani othisha befundisa izindaba emva

kwesigamu sonyaka ube unyaka ukade waqala? Lokhu kukhombisa ukuthi isivinini

156

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!