26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

feminists, yama-constructivists, yama- behaviourists, noma mhlawumbe yama-

psycholinguists. Lokhu futhi kuyamsiza umcwaningi ukuba ahlaziye ngokwakha

amaqoqwana namaphethini olwazini aluqoqile uma lokhu kudingekile futhi kuhambisana

nendlela esetshenzisiwe yokuqhuba ucwaningo.

4.4 UKUFUNDA OKUBHALIWE NGOKWE-SOCIAL CONSTRUCTIVIST

THEORY

UVygotsky (1978) umcwaningi wase-Russia, waqamba insizakuhlaziya i-social

constructivist yokufunda okubhaliwe. Le njulalwazi ibuye yaziwe ngokuthi yi-socio-

historical theory. UVygotsky (1978) ubeka ukuthi ukufunda okubhaliwe (reading)

kuyinto eyenzeka ngenxa yokuba umuntu abe yingxenye yomphakathi, abuke

okwenzekayo emphakathini, abuke ukuthi izinto zenzeka kanjani ngokwejwayelekile

futhi nalowo ofundayo kube khona akwaziyo ngale nto afunda ngayo. Kanti futhi

kufanele kube ukuthi wake wahlangabezana nayo endaweni aphila kuyo. UVygotsky

wayekholelwa ukuthi umntwana ukuze akwazi ukufunda okubhaliwe / umbhalo, kufanele

axhumane nabanye abantu, azi ngezinto ezimzungezile, ezenzeka endaweni aphila kuyo

emphakathini.

Ngaleyo ndlela uVygotsky ugcizelela ubudlelwane obuphakathi kolwazi umfundi avele

enalo kanye nosikompilo (culture) lapho efunda ukufunda okubhaliwe/umbhalo. Ngale

ndlela, lokhu kusho ukuthi ukukhula ekufundeni okubhaliwe (learning to read) kwenzeka

lapho umntwana ehlanganisa usikompilo nolwazi olusha kanye nolwazi abevele enalo

ngalokho akufundayo, futhi umfundi ebambe iqhaza ekufundeni. Ngale ndlela i-social

constructivist iyinjulalwazi ephathelene nokufunda (learning) egcizelela ukwakheka

kolwazi kumuntu uma efunda (Woolfolk, 1998; 1999). UWoolfolk (1998) uthi:

Whereas Piaget described the child as a little scientist,

constructing an understanding of the world largely alone,

Vygotsky (1978, 1987,1993) suggested that cognitive

development depends much more on interactions with the people

in the child’s world and the tools that the culture provide to

support thinking. Children’s knowledge, ideas, attitudes, and

values develop through interaction with others.

116

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!