26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

elehlukile, njengokuthi nje enze okungenziwanga abanye othisha, yize kufundiswa into

eyodwa futhi kube kuhlelwe ndawonye.

Lapho eseqedile ukuxoxa nabafundi ngophaphe, uthisha wayeye acele abafundi ukuba

bamnike amanye amagama analo msindo. Lokhu kwakwenziwa yibo bonke othisha

baseMbalenhle bebanga lesibili. Nakuba othisha babedweba izithombe ukwethula

umsindo, kodwa uthisha wayebuye asebenzise neminye imidwebo yamagama ezinto

analo msindo. Lokhu babekwenza ukuze abafundi babe naso isithombe sezinto abafunda

ngazo, kungabi wuphaphe kuphela. Nakuba yayiba khona eminye imifanekiso

enamagama analo msindo, kodwa lokho kwakungaguquli igama elinamathiselwa kulo

msindo, u ‘ph’wawuhlala njalo kungumsindo ‘wophaphe’ noma u ‘hl’ kungumsindo

‘wehlahla’ noma ngabe ayengaba khona amagama afana nalana: uphayinaphu, pheka,

iphini, upholi, njalonjalo. Lapho abafundi sebeshilo ukuthi sithombe sini, othisha babeye

baqhubeke nokubuza ngalolu phaphe, babuze namanye amagama analo msindo, nawo

kukhulunywe ngawo futhi abhalwe phansi lapho abafundi bewanikeza. Uthisha uMbali

waqhubeka kanjena:

T: Yini enophaphe?

L: Inyoni.

T: Good! Inyoni inophaphe, nani futhi?

L: Inkukhu.

T: Yebo inkukhu inophaphe,okey ubani ongangibhalela noma angitshele ukuthi ubhalwa

kanjani umsindo wophaphe?

L: Umsindo wepani nomsindo wehawu

T: Very good,mshayeleni izandla.

L: Thank you,very much,keep it up,shine

T: (uphinde futhi ababhale nonkamisa ebhodini ukubakhumbuza,bese ebhala umsindo

usunonkamisa).

T: Ake nifunde nayiya imisindo yami ebhodini.

L: pha phe phi pho phu (bafunda baphinda kathathu)

T: Manje umuntu nomuntu uzongipha igama elinomsindo ka ‘ph’, ukhumbule ukusebenzisa lo

msindo nemisindo eminye esesiyifundile ukuze kwakheke igama elisha.

Amazwi okugcina acashunwe enkulumweni engenhla, afakazela khona ukuthi lapho

kwethulwa umsindo omusha, kusetshenziswa neminye imisindo esivele ifundiwe

ukukhombisa abantwana ukwakhiwa kwamagama. Ngamanye amazwi, lapho othisha

nabafundi sebekhulumile ngesithombe ebhodini kwaxoxwa nangaso, babeye babuze

196

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!